Skip to Content

"ilangabi"

8 occurrences in ZUL

AbAhluleli 13:20

Kwathi ilangabi lisaphuma e -altare lenyukela ngasezulwini , ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le -altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.

AmaHubo 106:18

Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6

Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho , njengophawu engalweni yakho , ngokuba uthando lunamand la njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.

UDaniyeli 3:22

Ngalokho ngokuba isiya lezelo senkosi sasicindezele , nesithando somlilo sasishisa kakhulu , ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego.

UHezekeli 20:47

uthi kulo ihlathi laseningizimu: Yizwa izwi likaJehova elithi : Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuphemba umlilo kuwe, udle yonke imithi eluhlaza kuwe nayo yonke imithi eyomileyo, ilangabi elivuthayo lingacimeki, kuhwamuke ngalo bonke ubuso kusukela eningizimu kuye enyakatho.

UJobe 15:30

Akayikusuka ebumnyameni ; ilangabi liyakushisa amagatsha akhe , amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.

UJoweli 2:3

Phambi kwabo kuyadla umlilo , nasemva kwabo kushisa ilangabi ; izwe liphambi kwabo njengensimu yase -Edene, nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo, akukho okubabalekelayo.

UNumeri 21:28

ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni ; ilangabi livelile emzini kaSi honi; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.