Skip to Content

"imana"

13 occurrences in ZUL

AmaHubo 78:24

wanisa phezu kwabo imana kube ngukudla, wabapha amabele ezulu;

KumaHeberu 9:4

eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke , okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana , nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;

NgokukaJohane 6:31

Okhokho bethu badla imana ehlane njengokulotshiweyo ukuthi : Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.

NgokukaJohane 6:49

Okhokho benu badla imana ehlane, bafa.

NgokukaJohane 6:58

Lesi siyisinkwa esehle ezulwini , kungenjengalokho okhokho be nu badla imana, bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.

U-Eksodusi 16:31

Indlu yakwa -Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana ; kwakunjengembewu yekoriyanderi , kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.

U-Eksodusi 16:35

Abantwana bakwa -Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane , baze bafika ezweni elakhiweyo ; badla imana , baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.

UDuteronomi 8:16

wakupha imana ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,

UDuteronomi 8:3

Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova , yikho umuntu aphila ngakho.

UJoshuwa 5:12

Imana lanqamuka ngang omuso, nxa sebedla ezithelweni zezwe ; abakwa- Israyeli ababe besaba nemana futhi, kepha base bedla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka. Isikhulu sebandla lasezulwini

UNehemiya 9:20

Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.

UNumeri 11:7

Imana lafana nembewu yekoriyanderi , nokubonakala kwalo kwakunjengokubonakala kwenhlaka yebedola.

UNumeri 11:9

Nxa amazolo elala phezu kwekamu ebusuku, imana lawela phezu kwawo.