Skip to Content

"imikhawulo"

21 occurrences in ZUL

AmaHubo 22:27

Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula , iphendukele kuJehova , nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

AmaHubo 67:7

UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

AmaHubo 74:17

Nguwena ow amisa yonke imikhawulo yomhlaba ; nguwe owenza ihlobo nobusika.

AmaHubo 98:3

Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka -Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

IzAga 30:4

Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na ? Ngubani igama lakhe , ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?

U-Amose 1:13

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.

U-Eksodusi 23:31

Ngiyakumisa imikhawulo yakho , kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti , kusukela ehlane kuze kube semfuleni , ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe , wena u baxoshe phambi kwakho.

U-Eksodusi 34:24

Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho , ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho , nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.

U-Isaya 10:13

Ngokuba uthi : Ngamandla esandla sami ngikwenzile , nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngisusile imikhawulo yezizwe , ngiphangile ingcebo yazo, njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

U-Isaya 15:8

Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi , nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.

U-Isaya 26:15

Wandisa isizwe , Jehova, wandisa isizwe , wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe.

U-Isaya 40:28

Awazi yini ? Awuzwanga na ? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba ; akapheli amandla , akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

U-Isaya 41:5

Iziqhingi ziyakubona , ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela ; isondele, isifikile.

U-Isaya 54:12

Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi , namasango akho ngekristalo, nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.

UDuteronomi 19:3

Uyakuyilungisa indlela , wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle , ukuze bonke ababulali babalekele khona.

UDuteronomi 32:8

Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizw e njengokomumo wa bantwana bakwa - Israyeli.

UHezekeli 27:4

Imikhawulo yakho isenhliziyweni yolwandle ; abakhi bakho baphelelisile ubuhle bakho.

UHezekeli 47:12

Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke , ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele ; izithelo zayo ziyakuba ngukudla , amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa. Imikhawulo yezwe elingcwele

UJobe 28:24

Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.

UJoweli 3:4

Niyini kimi, nina Tire neSidoni , nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na ? Niyakungibuyisela utho na ? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,

UZefaniya 2:8

Ngiyizwile inhlamba yakwaMowab i nezithuko zabantwana bakwa -Amoni abathuke ngazo abantu bami, bazikhulisela imikhawulo yabo.