Skip to Content

"imilingo"

9 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 17:17

Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni , babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula.

2 AmaKhosi 21:6

Wadabulisa indodana yakhe emlilweni , wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi , nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

2 iziKronike 33:6

Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu , wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

IzEnzo 19:19

Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

IzEnzo 8:9

Kepha kwakukhona indoda ethile , nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi , isimangalisa isizwe saseSamariya , izishaya umuntu omkhulu;

UDuteronomi 18:10

Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodan a yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni , noma umbhuli , noma ohlola imihlola , noma owenza imilingo, noma umlumbi,

ULevitikusi 19:26

Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.

UNumeri 23:23

Ayikho imilingo engamelan a noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sek uyashiwo ngoJakobe nango -Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.

UNumeri 24:1

UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u -Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo , kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.