Skip to Content

"imisedari"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:10

UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayipuresi njengakho konke ukufuna kwakhe.

1 AmaKhosi 5:6

Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni , izinceku zami zibe nezakho ; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.

1 AmaKhosi 6:20

Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude , nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi , nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.

1 iziKronike 22:4

nemisedari engenakubalwa , ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.

2 AmaKhosi 19:23

Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi , wathi: Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.

2 iziKronike 2:3

USolomoni wathume la kuHiramu in kosi yaseTire , wathi: Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba , wathuma kuye imisedari , azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.

2 iziKronike 2:8

Ngithumele futhi imisedari, nemisayipuresi, nemi-alimugi evela eLebanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebanoni; bheka, izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho

AbAhluleli 9:15

Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi : U ma ningigcoba impela ngibe yinkosi yenu , wozani niphephele emthunzini wami ; uma kungenjalo , makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari yaseLebanoni.

AmaHubo 104:16

Iyasutha imithi kaJehova, imisedari yaseLebanoni ayitshalileyo,

AmaHubo 148:9

nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,

AmaHubo 29:5

Izwi likaJehova liyaphula imisedari ; uJehova waphula imisedari yaseLebanoni.

U-Ezra 3:7

Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.

U-Isaya 2:13

naphezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni , emide nephakemeyo , naphezu kwawo onke ama-oki aseBashani,

U-Isaya 37:24

Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi: Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintaben i ngaphakathi kweLebanoni ; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.

U-Isaya 44:14

Uyazigawulela imisedari, athathe imikhoba nama -oki, awaqinise phakathi kwemithi yehlathi; uyatshala umfire, imvula iwukhulise.

U-Isaya 9:10

Izitini ziwile , kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo ; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari ezikhundleni zayo.

UHezekeli 31:8

Imisedari ya sensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha , imisayipuresi yayingafani nezingatsha zawo , nemipelatani yayingenjengamagatsha awo , futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.

UJeremiya 22:15

Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ukwahlulela nokulunga, kwaba kuhle kuye, na?

UJeremiya 22:23

Wena ohlala eLebanoni , owakha isidleke sakho kuyo imisedari , uyakuhawukelwa kangakanan i ngokufikelwa kwakho yimihelo , imihelo enjengeyobelethayo!

UJeremiya 22:7

Ngiyakukulungisela abachithi, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe, bagawule imisedari yakho ekhethekileyo, bayiphonse emlilweni.

UZakariya 11:1

Vula iminyango yakho, Lebanoni, ukuba umlilo udle imisedari yakho.