Skip to Content

"imishayo"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 6:6

uphondo lwangaphansi lwaluyizingalo eziyisihlanu ububanzi balo , noluphakathi lwaluyizingalo eziyisithupha ububanzi balo , nolwesithathu lwaluyizingalo eziyisikhombisa ububanzi balo ; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.

1 AmaKhosi 7:2

Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu , nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezi ne zezinsika zemisedari, imishayo yemisedari iphezu kwezinsika.

2 iziKronike 34:11

bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.

AmaHubo 104:3

obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:17

Imishayo yendlu yethu iyimisedari, nemiqhadi iyimisayipuresi.

U-Eksodusi 36:31

Wayenza imishayo ngomuthi womtholo , yaba ngeyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele,

U-Eksodusi 40:18

UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo.

UNehemiya 3:3

ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHas enawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

UNehemiya 3:6

ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya , babeka imishayo yalo , bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.