Skip to Content

"imithombo"

18 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 3:25

Bachitha imizi , naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa , kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle , kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.

2 iziKronike 32:4

Kwabuthana abantu abaningi , bavimba yonke imithombo , nomfudlana owawugobhoza phakathi nezwe , bathi: Kungangani ukuba kufike amakhosi ase-Asiriya, afumane amanzi amaningi, na?

AbAhluleli 1:15

Wathi kuye : Ngiphe isipho ; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi. UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

AmaHubo 104:10

Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba.

AmaHubo 107:35

Ihlane waliphendula amachibi amanzi, nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.

AmaHubo 87:7

Abahubayo nabasinayo bathi: Imithombo yami yonke ikuwe.

IzAga 5:16

Imithombo iyaphalala ngaphandle yini, nemifula yamanzi ezigcawini, na?

IzAga 8:24

Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi.

U-Eksodusi 15:27

Bafika e -Elimi, lapho kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona ngasemanzini.

UGenesise 26:15

Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika - Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.

UGenesise 26:18

U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise , ngokuba ama Filisti ayeyivalile emva kokufa kuka - Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.

UGenesise 36:24

Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane , ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise.

UGenesise 7:11

ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kuka Nowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga , ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.

UGenesise 8:2

Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa , imvula yasezulwini yaphela.

UJeremiya 2:13

Ngokuba abantu bami benzile ok ubi okubili : bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo , bazigubhele imithombo , imithombo evuzayo , amanzi angenakuhlala kuyo.

UJoshuwa 15:19

Wathi: Ngiphe isipho ; lokhu unginike izwe laseningizimu , ngiphe nemithombo yamanzi . Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

UNehemiya 9:25

Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo , badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.

UNumeri 33:9

Basuka eMara , bafika e -Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.