Skip to Content

"imiyalo"

111 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:34

Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami;

1 AmaKhosi 14:8

ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide , ngawunika wena , kepha awubanga njen genceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela,

1 AmaKhosi 18:18

Kodwa wathi : Mina angimhluphanga u -Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.

1 AmaKhosi 6:12

Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo : uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami , ugcine yonke imiyalo yami ukuba u hambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:

1 AmaKhosi 8:58

ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.

1 AmaKhosi 8:61

Inhliziyo mayibe kuJehova uNkulunkulu wethu ngokupheleleyo, nihambe ngezimiso zakhe, nigcine imiyalo yakhe njenganamuhla.

1 AmaKhosi 9:6

Kodwa uma nibuya ekungilandeleni , nina noma abantwana benu , ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu , kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,

1 iziKronike 28:7

Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube phakade , uma eqinisela ukwenza imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.

1 iziKronike 28:8

Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa -Israyeli, ibandla likaJehova , nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle , nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.

1 iziKronike 29:19

unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.

1 kaJohane 2:3

Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.

1 kaJohane 2:4

Lowo othi: Ngiyamazi, engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;

1 kaJohane 3:22

nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe , senza okuthandekayo ebusweni bakhe.

1 kaJohane 3:24

Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye , naye uqobo uhlala kuye ; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

1 kaJohane 5:2

Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu , nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.

1 kaJohane 5:3

Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe ; nemiyalo yakhe ayinzima,

1 kwabaseKorinte 7:19

Ukusoka akulutho , nokungasoki ak ulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.

1 kwabaseThesalonika 4:2

Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.

2 AmaKhosi 17:13

Nokho uJehova wayexwayisile o -Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi : Phendukani ezindleleni zenu ezimbi , nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umth etho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.

2 AmaKhosi 17:16

Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunku lu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabil i, benza no -Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.

2 AmaKhosi 17:19

Naye uJuda akagcinanga imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo , kepha wahamba ngezimiso zakwa-Israyeli azenzileyo.

2 AmaKhosi 18:6

Ngokuba wabambelela kuJehova , akasukanga ekumlandeleni , kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.

2 AmaKhosi 23:3

Inkosi yema ngasensikeni , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhlizi yo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.

2 iziKronike 24:20

UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu , wathi kubo : Usho kanje uNkulunkulu , uthi: Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na ? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.

2 iziKronike 34:31

Inkosi yema endaweni yayo , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhl iziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.

AbAhluleli 2:17

Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise , belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo. Isimo sesikhathi sabahluleli

AbAhluleli 3:4

Zazingezokuba u-Israyeli avi vinywe ngazo , kwazeke uma beyakulalela imiyalo kaJehova abayala ngayo oyise ngesandla sikaMose.

AmaHubo 119:115

Sukani kimi nina enenza okubi , ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.

AmaHubo 119:127

Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide , yebo, kunegolide elicwengekileyo.

AmaHubo 119:131

Ngivula umlomo wami , ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.

AmaHubo 119:143

Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.

AmaHubo 119:151

Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.

AmaHubo 119:166

Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza.

AmaHubo 119:172

Ulimi lwami malukhulume izwi lakho , ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.

AmaHubo 119:176

Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho , ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.

AmaHubo 119:19

Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho.

AmaHubo 119:48

Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo , ngizindle ngezimiso zakho.

AmaHubo 119:60

Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.

AmaHubo 119:73

Izandla zakho zingenzile , zangibumba; ngiphe ingqondo , ukuze ngifunde imiyalo yakho.

AmaHubo 119:86

Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize.

AmaHubo 19:8

Imiyalo kaJehova ilungile , ijabulisa inhliziyo ; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.

AmaHubo 78:56

Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe.

AmaHubo 78:7

babeke ithemba labo kuNkulunkulu , bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.

AmaHubo 89:31

uma bephula izimiso zami bengagcini imiyalo yami,

IsAmbulo 12:17

Udrako wamthukuthelela owesifazane , wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe , labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.

IsAmbulo 14:12

Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.

IzAga 10:8

Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo , kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.

IzAga 13:13

Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.

IzAga 2:1

Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami,

IzAga 3:1

Ndodana yami , ungakhohlwa umthetho wami , kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,

IzAga 4:4

Wangifundisa, wathi kimi: Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami ; gcina imiyalo yami, uphile.

IzAga 6:23

Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,

IzAga 7:1

Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.

IzAga 7:2

Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.

NgokukaJohane 14:15

Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.

NgokukaJohane 15:10

Uma nigcina imiyalo yami , niyakuhlala othandweni lwami , njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.

NgokukaLuka 1:6

Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.

U-Eksodusi 15:26

wathi: Uma u lalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ukwenze okulungile emehlweni akhe , ulalele imiyalo yakhe , ugcine izimiso zakhe zonke , angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo. Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

U-Eksodusi 16:28

UJehova wathi kuMose : Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?

U-Ezra 9:10

Manje siyakuthini , Nkulunkulu wethu , emva kwalokhu na ? Ngokuba sishiyile imiyalo yakho

U-Ezra 9:14

singabuye saphule yini imiyalo yakho , sendiselane nalabo bantu abazenza lezi zinengiso na? Nga ungasithukutheleli uze usiqede, kuze kungabikho nsali nosindayo na?

U-Isaya 48:18

Sengathi nga ulalele imiyalo yami ! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

UDaniyeli 9:4

Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami , ngavuma ngathi: O Nkosi , Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo , ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,

UDuteronomi 10:11

UJehova wayesethi kimi : Vuka uhambe phambi kwabantu ; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. Isiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova

UDuteronomi 10:13

ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?

UDuteronomi 11:13

Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

UDuteronomi 11:27

isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla,

UDuteronomi 11:28

nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu , kepha niphambuka end leleni enginiyala ngayo namuhla , ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.

UDuteronomi 11:8

Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

UDuteronomi 13:18

nxa ulalela izwi lika Jehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla , wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

UDuteronomi 13:4

Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu , nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

UDuteronomi 26:13

uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho : Ngikhiphile izin to ezingcwele endlini yami , ngamnika zona uLevi , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.

UDuteronomi 26:18

uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,

UDuteronomi 27:1

UMose namalunga akwa -Israyeli bayala abantu , bathi: Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.

UDuteronomi 27:10

Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunk ulu wakho , wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Izibusiso neziqalekiso zabakwa-Israyeli

UDuteronomi 28:1

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

UDuteronomi 28:15

Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.

UDuteronomi 28:45

Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela , zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,

UDuteronomi 28:9

UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo k aJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe.

UDuteronomi 30:10

uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho , uma ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.

UDuteronomi 30:16

ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe , ukuze uphile , wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

UDuteronomi 30:8

Uyakubuya, ulilalele izwi likaJehova , uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.

UDuteronomi 4:2

Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo , ninganciphisi futhi kulo , ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

UDuteronomi 5:31

Kepha wena , yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo , nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukub a bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.

UDuteronomi 6:1

Nansi imiyalo , nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

UDuteronomi 6:17

Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

UDuteronomi 7:11

Ngalokho uyakugcina imiyalo , nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.

UDuteronomi 7:9

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

UDuteronomi 8:1

Yonke imiyalo engikuya la ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.

UDuteronomi 8:11

Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe , nezahlulelo zakhe , nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,

UDuteronomi 8:2

Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise , akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.

UDuteronomi 8:6

Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.

UJeremiya 35:18

UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi : Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,

UJoshuwa 22:5

Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nihambe kuzo zonke izindlela zakhe , nigcine imiyalo yakhe , ninamathele kuye , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.

ULevitikusi 22:31

Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.

ULevitikusi 26:3

Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze,

ULevitikusi 4:13

Uma-ke yonke inhlangano yakwa -Israyeli iduka , leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,

ULevitikusi 4:2

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: U ma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,

ULevitikusi 4:22

Nxa kona induna , yenza kungengamabomu nom a yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa , ize ibe necala,

ULevitikusi 4:27

Uma kona umuntukazana , enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,

ULevitikusi 5:17

Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.

UNehemiya 10:29

babambelela kubafowabo , abakhulu babo , benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni k aNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iN kosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

UNehemiya 1:5

ngathi: Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,

UNehemiya 1:7

Senzile kabi kakhulu kuwe , asigcinanga imiyalo , nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose.

UNehemiya 1:9

kepha uma n ibuyela kimi , nigcine imiyalo yami , niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu , ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.

UNehemiya 9:16

Kepha bona nawoyise baqholosha , benza lukhuni izintamo zabo , kabalalelanga imiyalo yakho,

UNehemiya 9:29

wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza , uyakuphila ngazo , baphendula ihlombe ngenkani , benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.

UNehemiya 9:34

namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nawobaba abagcinanga umthetho wakho , kabalalelanga imiyalo yak ho nezixwayiso zakho obaxwayise ngazo.

UNumeri 15:39

lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke , nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,

UNumeri 15:40

ukuba nikhumbule , niyenze yonke imiyalo yami , nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.

UmShumayeli 12:13

Nakhu ukuphela kwendaba , lapho sekuzwakele konke : Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.