Skip to Content

"ingabe"

15 occurrences in ZUL

1 kwabaseThesalonika 3:5

Ngalokho nami, lapho ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu, ingabe mhlawumbe umlingi unilingile yini, ukukhandleka kwethu kube yize. Esebuyile uThimothewu, uPawulu uyathokoza; uyabakhulekela

1 uSamuweli 14:6

UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe : Woza siwele , siye ekha ndeni lalabo abangasokile ; ingabe uJehova uyakusisebenzela , ngokuba akukh o okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.

2 uSamuweli 12:22

Wathi-ke yena : Umntwana esekhona ngazila ukudla , ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?

AmaHubo 103:16

Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo , bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.

IzEnzo 17:27

ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi.

IzEnzo 8:22

Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho , unxuse eNkosini , ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho,

NgokukaLuka 3:15

Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohan e ukuthi ingabe unguKristu yini,

NgokukaMathewu 26:53

Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?

UGenesise 16:10

Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye : Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho , ingabe isabalwa ngobuningi bayo.

UHezekeli 14:11

ukuze indlu yakwa -Israyeli ingabe isaduka kimi , ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke , kepha ibe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 35:9

Ngiyakukwenza incithakalo ephakade , imizi yakho ingabe isah lalwa, nazi ukuthi nginguJehova.

UJeremiya 31:36

Uma lezi zimiso zisuka ebusweni bami , usho uJehova , yilapho inzalo yakwa-Israyeli iyakuphela , ingabe isaba yisizwe phambi kwam i kuze kube nanini.

UJobe 33:21

Inyama yakhe iyadliwa , ingabe isabonwa ; amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.

UMalaki 2:13

Ngokwesibili niyakwenza nalokhu : nisibekela i -altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.

UNahume 3:17

Izikhulu zakho zinjengezinkumbi , nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza , kepha lapho liphuma ilanga , sindize simuke , ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.