Skip to Content

"inkanyezi"

11 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 15:41

Iyodwa inkazimulo yelanga , iyodwa inkazimulo yenyanga , iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.

IsAmbulo 22:16

Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.

IsAmbulo 2:28

futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa.

IsAmbulo 8:10

Ingelosi yesithathu yayisibetha ; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani , yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.

IsAmbulo 9:1

Ingelosi yesihlanu yayisibetha ; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini , iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.

NgokukaMathewu 2:10

Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu.

NgokukaMathewu 2:2

Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.

NgokukaMathewu 2:7

Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso,

NgokukaMathewu 2:9

Seziyizwile inkosi , zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo , yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona.

U-Amose 5:26

Seniyakuthwala uSakuti inkosi yen u noKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu, izithombe zenu enizenzele zona.

UNumeri 24:17

Ngiyambona, kepha kungemanje ; ngiyambheka, kodwa kun geseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSheti.