Skip to Content

"inkulu"

12 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 3:16

Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi : Owabonakaliswa enyameni , walungisiswa emoyeni , wabonwa yizingelosi , washunyayelwa ezizweni , wakholeka ezweni , waphakanyiselwa enkazimulweni.

2 AmaKhosi 22:13

Hambani ningibuzele kuJehova , mina nabantu , naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi. Umprofethikazi uHulida

2 iziKronike 34:21

Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo , ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu , ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi. Umprofethikazi uHulida

AmaHubo 147:5

INkosi yethu inkulu , makhulu amandla ayo ; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

AmaHubo 21:5

Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho ; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

IzAga 14:4

Lapho kungekho khona izinkomo , umkhombe awunalutho , kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.

Kwabase-Efesu 5:32

Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.

NgokukaMathewu 13:32

yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu , kepha u ma isikhulile , inkulu kunezilimo , iba ngumuthi , kuze kufike izinyoni zezulu , zakhele emagatsheni awo.

NgokukaMathewu 7:13

Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.

UHezekeli 16:26

Wafeba nabaseGibithe , abakhelwane bakho , abanyama inkulu , wandisa ubufebe ukungicunula.

UJeremiya 36:7

Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , ngokuba inkulu intukuthel o nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.

UNehemiya 12:31

Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda , ngabeka izigaba ezimbili ez inkulu ezabongayo , zahlaba ihele ; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;