Skip to Content

"insika"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 7:15

Wakhanda izinsika ezimbili zethusi , yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo , nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika.

1 AmaKhosi 7:21

Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli ; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini , wayimisa nensika yasokhohlo , waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.

1 kuThimothewu 3:15

kepha uma ngilibala , khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.

1 uSamuweli 15:12

USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni ; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.

2 AmaKhosi 10:27

Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube namuhla.

2 AmaKhosi 3:2

Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba wasusa insika kaBali abeyenzile uyise.

2 uSamuweli 18:18

U-Abisalomu esekhona wayethathe insika , wazimisela yona esiGod ini seNkosi, ngokuba wathi : Anginandodana yokukhumbuzela igama lami . Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika -Abisalomu kuze kube namuhla.

AbAhluleli 20:40

Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini , abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.

U-Eksodusi 13:22

Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.

U-Eksodusi 33:10

Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende ; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe.

U-Eksodusi 33:6

Abantwana bakwa -Israyeli bazihlubula izivunulo zabo, kusukela entabeni yaseHorebe. Insika yefu

U-Eksodusi 33:9

Kwathi uMose engena etendeni , insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

U-Isaya 9:18

Ngokuba ububi bushisa njengomlilo , buqeda amakhakhasi nameva , buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.

UDuteronomi 31:15

UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu , insika yema ngasemnyango wetende.

UGenesise 31:13

NginguNkulunkulu waseBethele , lapho wagcoba khona insika na lapho wenza isithembiso kimi ; manje vuka , usuke kuleli zwe , ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.

UGenesise 35:14

UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona , insika yetshe ; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa , wathela namafutha phezu kwayo.

UGenesise 35:20

UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe , eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

UHezekeli 27:5

Ngemisayipuresi yaseSeniri benzile onke amapulangwe akho ; balandile umsedari eLebanoni ukwenza insika yakho.

UJeremiya 6:1

Thuthani impahla eJerusalem a nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.

ULevitikusi 26:1

Ningenzi izithombe , ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika ; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UNehemiya 9:19

nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane ; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni , nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.