Skip to Content

"into"

56 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:16

Sengicela into inye kuwe, ungangifulatheli. Wathi kuye: Khuluma.

1 uSamuweli 3:11

UJehova wathi kuSamuweli : Bheka, ngiyakwenza into kwa -Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.

2 AmaKhosi 11:5

Waziyala wathi : Nansi into eniyakuyenza : abesithathu kini abangena ngesabatha bayakuba ngabalindi bendlu yenkosi,

2 AmaKhosi 2:10

Kepha wathi : Ucele into elukhuni ; nokho, uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba njalo.

2 AmaKhosi 5:13

Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu , ngabe ungayenzanga na ? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: Geza, uhlambuluke, na?

2 AmaKhosi 5:20

Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase -Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.

2 iziKronike 23:4

Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango,

2 kwabaseKorinte 2:10

Kepha lowo enimthethelela utho , nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo , ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu,

2 kwabaseThesalonika 2:4

omelana nakho konke , nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo , aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.

AmaHubo 101:3

Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi ; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.

AmaHubo 41:8

Into embi inamathele kuye; olele phansi kasayikululama.

IsAmbulo 1:1

Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe iz into ezimelwe ukwenzeka masinyane , ethuma ngengelosi yakhe , esibonakalisa encekwini yakhe uJohane

IsAmbulo 9:4

Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba , nanye into e luhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

IzAga 25:2

Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into , kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.

IzEnzo 19:27

Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliy into yalutho , nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela , yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.

IzEnzo 20:24

Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.

KwabaseFilipi 1:20

njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo , kepha ngesibindi sonke , njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami , nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

KwabaseFilipi 2:2

gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye , ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye;

KwabaseRoma 14:13

Ngakho masingabe sisahlulelana ; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.

KwabaseRoma 16:2

ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele , nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini , ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi , nowami uqobo.

NgokukaLuka 10:42

Kodwa inye into edingekile ; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.

NgokukaLuka 11:54

bemqamekela ukuba babambe into ephuma emlonyeni wakhe.

NgokukaLuka 18:22

UJesu ekuzwa lokho wathi kuye : Usasilalelwe into inye : thengisa ngakho konke onakho , wabele abampofu , khona uzakuba negugu ezulwini ; uze ungilandele.

NgokukaLuka 19:8

Kodwa uZakewu wa sukuma, wathi eNkosini : Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami ; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.

NgokukaMarku 10:21

UJesu wayesembheka , emthanda, wathi kuye : Usasilalelwe into inye ; hamba uthengise ngakho konke onakho , uphe abampofu , khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.

NgokukaMathewu 20:20

Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.

UDuteronomi 14:3

Ungadli into enengekayo.

UDuteronomi 23:14

ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho ; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele. Izigqila ezibalekileyo, nezifebe, nenzalo

UDuteronomi 27:5

Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i -altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi.

UDuteronomi 32:47

Ngokuba akusiyo into eyize kini ; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UDuteronomi 4:32

Ngokuba ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho , kusukela osukwini uNkulunkulu adala n galo umuntu emhlabeni , kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye , uma kwake kwaba khona into engaka nokuba kwake kwezwakala okungangayo na?

UGenesise 18:14

Kukhona into emahlula uJehova na ? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.

UHezekeli 48:12

Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe , into engcwelengcwele , ngasemkhawulweni wamaLevi.

UHoseya 6:10

Endlini yakwa-Israyeli ngibonile into eyesabekayo : kukhona ubufebe kwa- Efrayimi, u-Israyeli ungcolile.

UJeremiya 10:24

Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.

UJeremiya 18:13

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Buzani phakathi k wabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na ? Intombi yakwa -Israyeli yenzil e into eyesabekayo kakhulu.

UJeremiya 2:10

Dlulani eziqhingini zaseKitimi , nibone, nithume eKedari , niqonde kahle , nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

UJeremiya 31:22

Koze k ube nini uhambahamb a wena ndodakazi ehlubukayo na ? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.

UJeremiya 38:14

USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi , wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova ; inkosi yathi kuJeremiya : Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.

UJoshuwa 11:15

Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe , kanjalo uMose wamyala uJoshuwa ; noJoshuwa wenze njalo ; akayekanga into ney odwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose. Ukubukezwa kwendaba yokunqoba iKhanani

ULevitikusi 13:52

Woshisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni , noma into yesikhumba esikuyo isifo , ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.

ULevitikusi 13:54

bheka, umpristi woyala ukuba bahlanze into isifo esikuyo , ayivalele ezinye izinsuku eziyisikhombisa;

ULevitikusi 15:10

Bonke abathinta into eyayiphansi kwakhe bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe, nalowo othwala lezo zinto uyakuhlanza izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

ULevitikusi 15:23

Uma kusembhedeni noma kukuyiphi into ahlala kuyo , nxa kuthintwa ngumuntu, yena uyakuhlala engcolile kuze kuhlwe.

ULevitikusi 27:28

Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho , noma abantu , noma izilwane , noma insimu yefa lakhe , akuyikuthengiswa ngayo , ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.

ULevitikusi 5:2

noma umuntu ethinta into engcolileyo, noma isidumbu sesilo esingcolileyo, noma isidumbu sen komo engcolileyo , noma isidumbu sesilwanyana esikhasayo esingcolileyo, kumsithele, engcolile nokho, woba necala.

ULevitikusi 6:2

Uma umuntu ona , enze isiphambeko kuJehova , akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo , noma isibambiso noma into ephangiweyo , noma ecindezela umakhelwane wakhe,

ULevitikusi 6:3

noma, lapho ethola into elahlekileyo , eyiphika, afunge amanga , noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,

ULevitikusi 7:19

Inyama ethinta into engcolileyo ayinakudliwa , kepha iyakushiswa ngomlilo; nokho le nyama-ke bonke abahlambulukileyo bangayidla.

ULevitikusi 7:21

Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo , adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

ULevitikusi 8:5

UMose wayesethi kuyo inhlangano : Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.

ULevitikusi 9:6

Wayesethi uMose : Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze , kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.

UMika 6:16

Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.

UNumeri 16:30

Kepha uma uJehova edala into entsha , umhlaba uvule umlomo wawo , ubagwinye kanye nakho konke okwabo , bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.

UmShumayeli 1:10

Kukhona yini into okuthiwa ngayo : Bheka, intsha le . Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.

UmShumayeli 3:19

Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane , into inye ikwehlela kokubili : njengalokhu kufa lokho , kuyafa nalokhu ; kunomphefumulo munye , umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.