Skip to Content

"iphakathi"

5 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:8

Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo , isizwe esikhulu , esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi.

1 uSamuweli 25:29

Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho , umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho ; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.

AmaHubo 68:17

Izinqola zikaNkulunkulu ziyizink ulungwane ezingamashumi amabili , izinkulungwane nezinkulungwane ; iNkosi iphakathi kwazo ; iSinayi lisendaweni engcwele.

U-Eksodusi 34:9

Wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho , iNkosi mayihambe iphakathi kwethu , ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni ; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.

UZefaniya 3:15

UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho , uxoshile izitha zakho . INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi.