Skip to Content

"isamariya"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:24

Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta amabili esiliva , wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.

1 AmaKhosi 20:1

UBeni Hadadi inkosi yase -Aramu wabutha yonke impi yakhe ; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili , namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,

2 AmaKhosi 17:24

Inkosi yase -Asiriya yalanda abantu eBabele , naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa -Israyeli; badla iSamariya , bahlala emizi ni yalo.

2 AmaKhosi 17:6

Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya , inkosi yase -Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u -Israyeli e -Asiriya, yababeka eHala , naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.

2 AmaKhosi 18:10

Ngasekupheleni kweminyaka emithathu balithatha; ngomnyaka wesithupha kaHezekiya owawungumnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya inkosi yakwa - Israyeli iSamariya lathathwa.

2 AmaKhosi 18:34

Baphi onkulunkulu baseHamati nase -Aripadi na ? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabase-Iva, na? Balophulile iSamariya esandleni sami na?

2 AmaKhosi 18:9

Kwathi ngomnyaka wesine wenkos i uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana ka -Ela, inkosi yakwa -Israyeli, uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka walivimbezela iSamariya.

2 AmaKhosi 6:24

Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi , inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya.

IzEnzo 8:14

Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;

NgokukaJohane 4:4

Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya.

NgokukaLuka 17:11

Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile.

U-Isaya 10:11

anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?

U-Isaya 10:9

IKalino alinjengeKharikemishi na? IHamati alinjenge-Aripadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?

U-Isaya 36:19

Baphi onkulunkulu baseHamati nase -Aripadi; baphi onkulunkulu baseSefarivayimi na? Balophulile iSamariya esandleni sami na?

UHezekeli 16:51

ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho ; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.

UHezekeli 23:33

Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi : ngendebe yesimangaliso neyencithakalo, indebe kadadewenu iSamariya.

UHezekeli 23:4

Amagama abo ayengu -Ohola, omkhulu, no-Oholiba udadewabo ; baba ngabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo: iSamariya lingu- Ohola, neJerusalema lingu-Oholiba.

UHoseya 13:16

ISamariya liyakuthwala icala lalo , ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo ; bayakuwa ng enkemba, izingane zabo zichotshozwe , abakhulelweyo babo baqaqwe.

UMika 1:5

Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?

UMika 1:6

Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendl e nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.