"isango"
28 occurrences in ZUL
Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo . Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.
Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova ; nasogangeni lwase -Ofeli wakha okuningi.
Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.
Kwathi ukuba bafike , balibutha ibandla , balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.
Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.
Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni ; bayingcosana abayifumanayo.
Wayesethi kuwo: Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu, aye emuva , aye phambili , kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo , nalowo umngane wakhe , nalowo umakhelwane wakhe.
Emzini kusele incithakalo; isango livithiziwe, lachithwa.
Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa -Israyeli wonke , lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,
ngiyakukubusisa nokukubusisa , ngandise nokwandisa inzalo yakho , ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,
Walinganisa isango kusukela ophahleni lwelinye ikamelo kuze kube sophahleni lwelinye, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, umnyango ubhekene nomnyango.
Wenza nezinsika : yizingalo ezingamashumi ayisithupha , isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke.
Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.
Wayesengiyisa ngaseningizimu ; bheka, isango lingaseningizimu ; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla.
Kwakukhona isango legceke elingaphakathi ngaseningizimu ; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni ngaseningizimu , izingalo eziyikhulu.
Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; walilinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zasenhla.
Wayesengingenisa egcekeni elingaphaka thi ngasempumalanga , walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,
Wayesengiyisa esangweni, isango elibheke ngasempumalanga;
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Isango legceke elingaphakathi , elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza , kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa , livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.
Lapho isikh ulu siyakulungisa umnikelo wesihle , umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova , siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga , silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha , bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.
Isikhulu siyakungen a ngendlela yompheme wesango ngaphandle , sime ngasensikeni yesango , abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula , sikhuleke ngasembundwini wesango ; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa.
Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni ; sebephumile abawaxosha, bavala isango.
Kwasuka u -Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi , balakha iSango Lezimvu , balingcwelisa, bamisa izivalo zalo , yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa , kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.
ISango Lesigodi lalungiswa nguHanuni nabakhe eZanowa ; balakha, bamisa izivalo zalo nezihluthelelo zalo nemigoqo yalo , nezingalo eziyinkulungwane zogange kwaze kwaba seSangweni Lomquba.
ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya , indodana kaRekabi , umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi ; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo , nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi , kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.
ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHas enawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya , babeka imishayo yalo , bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.