Skip to Content

"isifundiso"

10 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 6:10

Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho ko nke okubi ; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Ukukhonza uNkulunkulu ngesiminya; ukufundisa izicebi nokuxwaya isifundiso samanga

1 kuThimothewu 6:2

Abanabanumzane abakho lwayo bangabadeleli , ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu , ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo . Wofundisa lezo zinto , uyale ngazo. Isifundiso masibe ngesiqinisileyo

1 kwabaseKorinte 14:26

Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana , yilowo nalowo uba nehubo , noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.

2 kuThimothewu 3:10

Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha , nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela,

2 kuThimothewu 4:3

Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

IsAmbulo 2:14

Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngaw e, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa -Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.

IsAmbulo 2:15

Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo.

KuThithu 2:1

Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo

KuThithu 2:10

zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle , ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.

NgokukaMathewu 16:12

Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi. Isivumo sikaPetru (Mark. 8:27; Luk. 9:18)