Skip to Content

"isigqilakazi"

7 occurrences in ZUL

KwabaseGalathiya 4:22

Ngokuba kulotshiwe ukuthi u -Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.

KwabaseGalathiya 4:30

Kodwa umbhalo uthini na ? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.

U-Eksodusi 21:20

Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku , size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.

U-Eksodusi 21:32

Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi , uyakunika inkosi yaso amashekeli angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.

UJeremiya 34:10

Zalalela zonke izikhulu , nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele , kube y ilowo nalowo isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe , ukuba zihambe , zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.

UJeremiya 34:16

Kepha seniphendukile futhi , nalihlambalaza igama lami , nabuyisa, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe , enanizivumele ukuba zihambe , zikhululeke ngokuthanda kwazo, nazithobisa ukuba zibe yizigqila zenu nezigqilakazi zenu.

UJeremiya 34:9

ukuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu nomHeberukazi , ukuze kungabikho muntu okhonzisa umfowabo kwaJuda.