Skip to Content

"isikhonkwane"

9 occurrences in ZUL

AbAhluleli 16:14

Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wavuka ebuthongweni , wasincothula isikhonkwane sokweluka nezintambo zokwelukwa.

AbAhluleli 4:21

UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye , wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini , ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.

AbAhluleli 4:22

Bheka, uBaraki esamxosha uSisera , uJayeli waphuma ukumhlangabeza , wathi kuye : Woza, ngikubonise omfunayo . Waya kuye ; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe.

IzAga 22:28

Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.

IzAga 23:10

Ungasusi isikhonkwane esidala, ungangeni emasimini ezintandane,

U-Ezra 9:8

Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyi se amehlo ethu , asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.

UDuteronomi 27:17

Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UHezekeli 15:3

Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na?

UZakariya 10:4

Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi , kuyena isikhonkwane , kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye.