Skip to Content

"isilwane"

13 occurrences in ZUL

IzEnzo 28:4

Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe , bakhuluma bodwa, bathi: Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.

IzEnzo 28:5

Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.

UGenesise 37:20

Ngalokho wozani , siyibulale, siyiphonse komunye wemigodi , bese sithi : Isilwane esibi siyidlile, sibone ukuthi azakuba yini amaphupho ayo.

UGenesise 37:33

Wayibona, wathi: Yiyo ingubo yendodana yami ; isilwane esibi simdlile ; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.

UHoseya 13:8

Ngitheleka phezu kwabo njengebhere elaphuciwe amawundlu alo , ngidwengula ubhedu lwenhliziyo , ngibadle njengengonyamakazi , isilwane sasendle sibaqaqe.

UJobe 39:15

Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachoboz a nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.

ULevitikusi 11:39

Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

ULevitikusi 17:13

Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.

ULevitikusi 20:15

Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.

ULevitikusi 27:10

Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle ; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane , sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.

ULevitikusi 27:11

Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova , uyakusibeka isilwane phambi kompristi,

ULevitikusi 7:21

Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo , adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

UNehemiya 2:14

Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi , kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso.