Skip to Content

"iso"

62 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 12:16

Noma indlebe ithi : Lokhu ngingesilo iso , angisikho okomzimba , nokho iyikho okomzimba.

1 kwabaseKorinte 12:21

Iso alinakusho esandleni ukuthi : Angikudingi; nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: Anginidingi.

1 kwabaseKorinte 2:9

kepha kunjengokuba kulotshi we ukuthi: Lokho iso elingakubonanga , nendlebe engakuzwanga , okungavelanga enhliziyweni yamuntu , uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.

AmaHubo 31:9

Yiba nomusa kimi , Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi , nomphefumulo wami nomzimba wami.

AmaHubo 33:18

Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,

AmaHubo 35:21

Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo , bathi: Ashila, ashila, iso lethu liyabona!

AmaHubo 6:7

Iso lami liyafiphala ngokudabuka; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.

AmaHubo 88:9

Iso lami liyafa ngosizi ; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke , ngizelulela izandla zami kuwe.

AmaHubo 92:11

Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami , nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

AmaHubo 94:9

Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na?

IsiLilo 1:16

Ngiyakhala ngalokhu; iso lami , iso lami liyamululeka izinyembezi , ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami . Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.

IsiLilo 3:48

Iso lami liyamululeka imifula yamanz i ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

IsiLilo 3:49

Iso lami liyamululeka, alinqamuki; akukho ukukhawuka,

IsiLilo 3:51

Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlung u ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.

IzAga 10:10

Oqwayiza iso ubanga usizi, kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula.

IzAga 30:17

Iso eliklolodela uyis e nelidelela ukulalela unin a liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.

NgokukaLuka 11:34

Isibani somzimba siyiso lakho ; nxa iso lakho liphilile , umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.

NgokukaLuka 2:12

Nalokhu kuyisibon iso kini : niyakufumana umntwana embesiwe , elele emkhombeni.

NgokukaLuka 6:41

Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?

NgokukaLuka 6:42

Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi : M fowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho, wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso , na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukw elakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.

NgokukaMarku 9:47

Uma iso lakho likukhubekisa , likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili,

NgokukaMathewu 18:9

Noma iso lakho likukhubekisa , likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili.

NgokukaMathewu 20:15

Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na ? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?

NgokukaMathewu 5:29

Uma iso lakho lokunene likukhubekisa , likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe s inye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

NgokukaMathewu 5:38

Nizwile kwathiwa: Iso ngeso, izinyo ngezinyo.

NgokukaMathewu 6:22

Isibani somzimba yiso . Ngakho uma iso lakho lilihle , uzakukhanya umzimba wakho wonke.

NgokukaMathewu 6:23

Kepha uma iso lakho lilibi , uzakuba mnyama umzimba wakho wonke . Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama , ubumnyama bukhulu kangakanani!

U-Eksodusi 21:24

iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,

U-Eksodusi 21:26

Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe , alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso.

U-Ezra 5:5

Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda , ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu , kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi.

U-Isaya 52:8

Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.

U-Isaya 64:4

Kusukela endulo abantu abezwanga , abacoshanga nangendlebe , futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.

UDuteronomi 13:8

awuyikumvumela, ungamlaleli; iso lakho aliyikumhawukela , ungamyeki, ungamfihli,

UDuteronomi 15:9

Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi : Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze; iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.

UDuteronomi 19:13

Iso lakho aliyikumhawukela , kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa - Israyeli ukuba kube kuhle kuwe. Umthetho wemincele

UDuteronomi 19:21

Iso lakho aliyikuhawukela ; makube ngukuphila ngokuphila , iso n geso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.

UDuteronomi 25:12

womnquma isandla, iso lakho lingabi namhawu. Izisindo nezilinganiso ezilungileyo

UDuteronomi 28:54

Umuntu othambileyo notetemayo phakathi kwenu , iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, nakumkakhe osesifubeni sakhe, nakuyo insali yabantwana bakhe abaseleyo,

UDuteronomi 28:56

Owesifazane othambileyo notetemayo phak athi kwenu obengenasibindi sokubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini ngenxa yokutetema nokuthambeka, iso lakhe liyakuba libi endodeni esesifubeni sakhe , nasendodaneni yakhe, nasendodakazini yakhe,

UDuteronomi 34:7

UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe ; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.

UDuteronomi 7:16

Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli , ungakhonzi onkulunkulu bazo , ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.

UHezekeli 20:17

Nokho iso lami labahawukela ukuze bangachithwa , angibaqedanga ngokupheleleyo ehlane.

UHezekeli 5:11

Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho , ngalokho ngiyakukunciphisa impela , iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.

UHezekeli 7:4

Iso lami aliyikukuhawukela, ngingabi nabubele ; ngiyakwehlisela izindlela zakho phezu kwakho , izinengiso zakho zibe phakathi kwakho ; niyakwazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 7:9

Iso lami aliyikuhawukela , ngingabi nabubele , ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho , izinengiso zakho zibe phakathi kwakho , nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.

UHezekeli 8:18

Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka ; iso lami aliyikubahawukela , ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu , angiyikubezwa.

UHezekeli 9:10

Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela , ngingabi nabubele , kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.

UHezekeli 9:5

Kwamanye washo ezindlebeni zami , wathi: Dabulani emzini emva kwayo , nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,

UJeremiya 13:17

Kepha uma ningalaleli , umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala , limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.

UJobe 10:18

Ungikhipheleni esizalweni na? Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,

UJobe 13:1

Bheka, iso lami libone konke; indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.

UJobe 16:20

Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu

UJobe 17:2

Impela kukhona abangiklolodelayo, iso lami lisekucunuleni kwabo.

UJobe 17:7

Iso lami lifiphele ngosizi; onke amalungu ami anjengethunzi.

UJobe 20:9

Iso elalimgqolozela alisamboni, nendawo yakhe ayisamboni.

UJobe 24:15

Iso lesiphingi libheka ukuhlw a ngokuthi: Malingangiboni iso, sisithe ubuso baso.

UJobe 28:10

Uqhekeza imihohoba emadwaleni; iso lakhe liyabona konke okuyigugu.

UJobe 29:11

Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa, nalapho iso langibona, langifakazela.

UJobe 42:5

Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe , kepha manje iso lami liyakubona.

UJobe 7:7

Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya ; iso lami aliyikubuye libone okuhle.

UJobe 7:8

Iso longibonayo alisayikungibuka; amehlo akho esekimi, angisekho.

UmShumayeli 1:8

Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.