"ithemba"
56 occurrences in ZUL
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,
Ngokuba liyini ithemba lethu , nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?
Kepha asithandi , bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo , ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.
IThemba Lika -Israyeli aliyikuqamba amanga , lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.
Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo.
Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova ; mawungangijabhisi naphakade ; ngikhulule ngokulunga kwakho.
Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe.
Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova , ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.
Mphefumulo wami , zithulisele kuNkulunkulu kuphela , ngokuba ithemba lami livela kuye.
Ngokuba wena uyithemba lami , Nkosi Jehova, ithemba lami kwas ebusheni bami.
babeke ithemba labo kuNkulunkulu , bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.
Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo ; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade.
Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba.
Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo , kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.
Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela; ithemba lababi lilulaka.
Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo ; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
Ekumesabeni uJehova kukho na ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.
Yilaye indodana yakho , lisekhona ithemba ; ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
Ukuba ithemba lakho libe kuJehova , ngikwazisile khona namuhla , yebo, wena.
Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na ? Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.
Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na ? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.
Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,
njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.
Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi , nesiphepho esingesincane siqinisa njalo , lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.
sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu
futhi: Ngiyakubeka ithemba lami kuye , futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.
ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu , uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni,
ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,
lokhu umthetho awuphelelisanga lutho , kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.
nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.
Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.
okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;
ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba;
ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
Ngokuba ethembeni sisindisiwe ; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na?
UShekaniya, indodana ka Jehiyeli, enye yamadodana ka -Elamu, wathatha wathi ku -Ezra: Siphambukile kuNkulunkulu wethu , sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.
Bayakuphela amandla , babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.
Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku : Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe , sophulwe enkosini yase - Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?
Nxa isilindile , yabona ukuthi ithemba layo liphelile ; yathatha elinye lamawundlu ayo, yalenza ibhongo.
Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa- Israyeli; bathi: Bheka, amathambo ethu omile , ithemba lethu liphelile , sinqunyiwe.
Kukhona ithemba lokugcina kwakho , usho uJehova ; abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.
UMowabi uyakujabha ngoKemoshi , njengalokhu indlu ka -Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.
Bonke ababafumanayo babaqeda ; abamelene nabo bathi : Asitholi icala ; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.
Uyakuba nokwethemba , ngokuba ithemba likhona ; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
Kepha amehlo ababi ayakufiphala ; abayikuba nandawo yokuphephela ; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.
Ngokuba kukhona ithemba emthini : uma unqunywa , ungabuye uhlume , nehlumela lawo aliyikuphela.
liphi, pho, ithemba lami na? Yebo, ithemba lami, ngubani oyakulibona na?
Ungidilizile nxazonke, sengimukile; usiphulile ithemba lami njengomuthi.
Liyini ithemba longenaNkulunkulu , nxa enqunywa , lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?
Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa; nangokumbona nje uyawiswa phansi.
Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini , nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
Nicabanga yini ukusola amazwi , lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?
Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu : ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;
ithemba lakhe liyakunqunywa, nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.
Ngase ngibuye ngaphela ithemba ngawo wonke umshikashika engangiwushikashikile phansi kwelanga.