Skip to Content

"ithempeli"

32 occurrences in ZUL

1 iziKronike 29:1

UDavide inkosi wathi kulo lonke ibandla : USolomoni indodana yami , oyedwa uNkulunkulu amkhethileyo , usengumfana, usathambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu kepha ngelikaJehova uNkulunkulu.

1 iziKronike 29:19

unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.

1 kwabaseKorinte 3:17

Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu , uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele ; niyilo-ke nina.

2 iziKronike 35:20

Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli , uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase -Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.

2 kwabaseKorinte 6:16

Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na ? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

AmaHubo 27:4

Kunye engikucele kuJehova , ngiyakufuna khona : ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwam i ukubona ubuhle bukaJehova , ngibuke ithempeli lakhe.

AmaHubo 65:4

Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.

AmaHubo 79:1

Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.

IsAmbulo 11:1

Nganikwa uhlanga lufana nenduku , kwathiwa: Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo.

IsAmbulo 11:19

Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini , kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe ; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba , nesichotho esikhulu.

IsAmbulo 15:5

Emva kwalokho ngabona , kwase kuvulwa ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini,

IsAmbulo 15:8

Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe ; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.

IsAmbulo 21:22

Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu.

IzEnzo 24:6

yalinga nokungcolisa ithempeli ; sayibamba, sathanda ukuyahlulela ngomthetho wakithi.

KwabaseRoma 2:22

Wena othi akungaphingwa , uyaphinga na ? Wena owenyanya isithombe , uphanga ithempeli na?

NgokukaMarku 11:16

wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha.

NgokukaMarku 15:29

Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo , bathi: Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu;

NgokukaMathewu 23:16

Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi : Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!

NgokukaMathewu 23:21

Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.

NgokukaMathewu 26:61

bathi: Lo wathi: Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.

NgokukaMathewu 27:40

bathi: Wena odiliza ithempeli , ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu , zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.

U-Ezra 4:1

Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli,

U-Isaya 44:28

oshoyo ngoKoresi ukuthi: Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.

U-Isaya 6:1

Ngomnyaka wokufa kwenkosi u -Uziya ngabona uJehova eh lezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo , umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli.

UHezekeli 41:21

Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine , nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.

UHezekeli 41:23

Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.

UHezekeli 8:16

Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova ; bheka, ngasemnyango weth empeli likaJehova phakathi kompheme ne -altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.

UJeremiya 7:4

Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.

UJona 2:4

Ngathi mina : Ngixoshiwe emehlweni akho ; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.

UZakariya 6:12

usho kuye , uthi: U sho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.

UZakariya 6:15

Abakude bayakufika, bakhe ithempeli likaJehova , nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini . Kuyakwenzeka, uma nilalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.

UZakariya 8:9

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.