Skip to Content

"ithuba"

14 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 5:14

Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.

1 kwabaseKorinte 7:5

Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka , nibuye nibe ndawonye , ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.

2 AmaKhosi 5:7

Kwathi inkosi yakwa -Israyeli isiyifundile incwadi , yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale , ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lw akhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.

2 kwabaseKorinte 11:12

Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi , ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.

2 kwabaseKorinte 5:12

Asizincomi futhi kini , kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi , ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni.

2 uSamuweli 12:14

Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.

AbAhluleli 14:4

Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova , ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti . Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

IzEnzo 25:16

ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela u muntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo , athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.

KumaHeberu 12:17

Ngokuba niyazi ukuthi , nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka , noma ekufunisisa ngezinyembezi.

KwabaseRoma 7:11

ngokuba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.

KwabaseRoma 7:8

kepha isono sathola ithuba ngomyalo , sasebenza kimi ukufisa konke ; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile.

NgokukaLuka 22:6

Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Math. 26:17; Mark. 14:12; Joh. 13:21)

NgokukaMarku 14:11

Sebezwile bathokoza , bathembisa ukumnika imali . Wayesefuna ithuba lokumkhaphela. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Math. 26:17; Luk. 22:7; Joh. 13:21)

NgokukaMathewu 26:16

Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Mark. 14:12; Luk. 22:7; Joh. 13:21)