Skip to Content

"ithusi"

11 occurrences in ZUL

1 iziKronike 18:8

EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi.

2 AmaKhosi 25:13

Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi , nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula , athuthela ithusi lakho eBabele.

2 AmaKhosi 25:16

Izinsika zombili , nolwandle olwalulunye nje , nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova , ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.

2 uSamuweli 8:8

Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu.

U-Eksodusi 38:29

Ithusi lomnikelo laba ngamatalenta angamashumi ayisikhombisa namashekeli ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane.

U-Isaya 60:17

Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide , nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi , nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho , nokulunga kube ngababusi bakho.

UDuteronomi 8:9

izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela ; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.

UHezekeli 1:4

Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivun guvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo , kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.

UHezekeli 24:11

Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwal o ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.

UJeremiya 52:17

Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi , nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula , athuthela lonke ithusi lakho eBabele.

UJeremiya 52:20

Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye , inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.