Skip to Content

"ivela"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:24

Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa -Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela izwi likaJehova , babuya, bahamba njengokusho kukaJehova.

1 kwabaseKorinte 11:12

ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni , kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.

1 kwabaseThesalonika 1:10

nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini , ayivusa kwabafileyo , uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.

2 iziKronike 11:4

Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu ; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu. Ukwakha kukaRehobowamu

2 iziKronike 19:10

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

2 iziKronike 19:2

UJehu, indodana kaHanani umboni , waphuma ukumhlangabeza , wathi enkosini uJehoshafati: Usiza yini ababi , uthanda abamzondayo uJehova na ? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.

2 iziKronike 25:10

U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa -Efrayimi ukuba iye ekhaya ; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda , babuyela ekhaya bevutha ulaka.

2 kwabaseThesalonika 2:2

ukuba ningasheshi ninyak aziswe engqondweni yenu , ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi , sengathi usuku lukaKristu selufikile.

AmaHubo 62:1

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela ; insindiso yami ivela kuye.

IsAmbulo 9:1

Ingelosi yesihlanu yayisibetha ; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini , iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.

IzAga 16:1

Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.

KwabaseRoma 1:18

Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,

NgokukaJohane 4:22

Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.

NgokukaJohane 7:17

Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe , uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.

NgokukaLuka 22:43

Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.

U-Isaya 35:4

Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi : Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela , impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.

UDaniyeli 5:24

Yayisithunywa le nxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lo mbhalo.

UGenesise 24:50

Base bephendula oLabani noBetuweli , bethi: Le ndaba ivela kuJehova ; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.

UGenesise 2:6

Kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini , yanisela ubuso bonke bomhlaba.

UHabakuki 3:4

Kuqhamuka ukubengezela kunj engokukhanya; imisebe ivela esandleni sakhe, efihla lapho amandla akhe.

UZakariya 7:12

Benza izi nhliziyo zabo zaba yidayimani , funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.

UmShumayeli 10:5

Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga , bunjengephutha el ivela kumbusi: