Skip to Content

"iwayini"

98 occurrences in ZUL

1 iziKronike 27:27

uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;

1 kuThimothewu 3:8

Ngokunjalo namadiyakoni kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili , angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,

1 kuThimothewu 5:23

Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.

1 uSamuweli 1:14

U-Eli wathi kuye : Uyakudakwa kuze kube nini na ? Susa iwayini lakho kuwe.

1 uSamuweli 1:15

UHana waphendula wathi: Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla , kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.

1 uSamuweli 25:37

Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali , umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe.

AbAhluleli 9:13

Umvini wathi kuyo : Ngiyakuliyeka yini iwayini lami elithokozisa onkulunkulu nabantu, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?

AmaHubo 60:3

Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.

AmaHubo 75:8

Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso ; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.

IsAmbulo 14:10

naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe , lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.

IsAmbulo 14:8

Yayisilandela enye ingelosi, ithi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.

IsAmbulo 18:3

ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo , namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:1

Sengingenile ensimini yami , dadewethu, makoti wami ; ngiyabutha imure lami namakha ami , ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami , ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Abangane: Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando. Ukulangazela komakoti Umakoti:

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:2

Inkaba yakho ingumkhe le oncweliweyo , ongasweli iwayini elixutshanisiweyo; isisu sakho siyinqwaba kakolweni, ibiyelwe ngeminduze.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:2

Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame ; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati wami.

IzAga 20:1

Iwayini liyisideleli , uphuzo olunam andla lungumxokozeli ; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.

IzAga 21:17

Othanda injabulo uyakuba mpofu , nothanda iwayini nam afutha kayikuceba.

IzAga 23:30

Yibo abalibala ngasewayinini , abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo.

IzAga 23:31

Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu , nokuthi liyacwebezela endebeni , ukuba lehle kalula.

IzAga 31:4

Akusikho okwamakhosi , Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,

IzAga 31:6

Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.

IzAga 4:17

Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.

IzAga 9:2

Kuhlabile umhlatshelo , kuvubele iwayini lakho ; futhi kulungisile itafula lakho.

IzAga 9:5

Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo.

IzEnzo 2:13

Kepha abanye bebabhuqa bathi: Bagcwele iwayini elimnandi. Intshumayelo kaPetru

KwabaseRoma 14:21

Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.

NgokukaJohane 2:10

Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala , kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.

NgokukaJohane 2:3

Kwathi ukuba lisweleke iwayini , unina kaJesu wathi kuye : Kabanalo iwayini.

NgokukaJohane 2:9

Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini , engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi , umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye:

NgokukaLuka 1:15

Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi ; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo ; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.

NgokukaLuka 5:37

Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale.

NgokukaLuka 5:38

Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha.

NgokukaLuka 5:39

Akakho othi ephuze iwayini elidala , afune elisha , ngokuba uthi elidala limnandi.

NgokukaMarku 15:23

Amnika iwayini elixutshwe nemure; kepha akalamukelanga.

NgokukaMarku 2:22

Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. UJesu uchachisa umyalelo wesabatha (Math. 12:1; Luk. 6:1)

NgokukaMathewu 27:34

amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo ; kepha kuthe elizwa , akathandanga ukuliphuza.

NgokukaMathewu 9:17

Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke , nezimvaba zonakale . Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Mark. 5:21; Luk. 8:40)

U-Amose 2:12

Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini, ngokuthi: Ningaprofethi.

U-Amose 2:8

bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

U-Amose 5:11

Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziwey o aniyikuhlala kuzo , nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.

U-Amose 9:13

Bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu ; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.

U-Amose 9:14

Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo ; bayakutshala izivi ni, baphuze iwayini lazo ; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.

U-Esteri 1:7

Baphuziswa ngezitsha zegolide , izitsha zahlukene , ezinye nezinye , iwayini lamakhosi eliningi njengokwesandla senkosi.

U-Isaya 16:10

Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini ; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

U-Isaya 1:22

Isiliva lakho seliphendukile amanyela; iwayini lakho lixubene namanzi.

U-Isaya 22:13

kepha bheka , nakhu ukujabula , nokuthokoza, nokubulala izinkabi , nokuhlaba izimvu , ukudla inyama nokuphuza iwayini , ngokuthi: Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.

U-Isaya 24:7

Iwayini elisha liyalila , umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.

U-Isaya 24:9

Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo ; uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.

U-Isaya 25:6

UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonk e idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.

U-Isaya 55:1

We nina nonke enomileyo , wozani emanzini ; nani eningenamal i wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali , yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.

U-Isaya 56:12

Wozani, ngiyakuletha iwayini , sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla ; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.

U-Isaya 5:11

Wo kubona abavuka ekuseni , ukuze balandele uphuzo olunamandla , balibale kuze kuhlwe, bashe iwayini!

U-Isaya 62:8

UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunen e nangengalo yamandla akhe, wathi: Impela angisayikuzinika izitha zakh o amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,

U-Isaya 65:11

Kepha nina enimshiya uJehova, nikhohlwe intaba yami engcwele, nihlelele iNhlanhla itafula, nigcwalisele isiMiselo iwayini elixutshanisiweyo,

U-Isaya 65:8

Usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni , bese kuthiwa: M alingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo , kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.

UDaniyeli 5:1

UBelishasari inkosi wenzel a izinduna zakhe eziyinkulungwane idili , waphuza iwayini ngaphambi kwaleyo nkulungwane.

UDaniyeli 5:2

UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva , uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nez ikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo.

UDaniyeli 5:23

kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini ; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho ; wena nezinduna zakho , nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo , utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni , abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe , nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.

UDaniyeli 5:4

Baphuza iwayini , batusa onkulunkulu begoli de, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.

UDuteronomi 14:26

uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo , izinkabi, noma izimvu, noma iwayini , noma uphuzo olunamandla , noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo , udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;

UDuteronomi 28:39

Uyakutshala izivini, uzisebenze, kepha awuyikuliphuza iwayini , ungabuthi izithelo zomvini, ngokuba umswenya uyakuzidla.

UDuteronomi 28:51

Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho , nezithelo zomhlabathi wakho , uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele , noma iwayini , noma amafutha , noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.

UDuteronomi 29:6

Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla , ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UDuteronomi 32:14

namangqanga ezinkomo , nobisi lwezimvu , namafutha amawundlu , nezinqama zohlobo lwaseBashani , nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni ; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

UDuteronomi 32:33

iwayini labo liyisihlungu sawodrako, lingubuthi obesabekayo bamabululu.

UDuteronomi 32:38

ababedla amanoni emihlatshelo yabo , beliphuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwa, na? Mabavuke, banisize, babe yisivikelo senu.

UGenesise 19:32

Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.

UGenesise 19:33

Ngalobo busuku ayesemphuzisa uyise iwayini ; enkulu yangena yalala noyise, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

UGenesise 19:34

Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku , ungene wena , ulale naye uk uba sizizuzele inzalo kubaba.

UGenesise 19:35

Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku ; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

UGenesise 27:25

Wayesethi: Sondeza kimi , ngidle inyamazane yendodana yami ukuba umphefumulo wami ukubusise . Wayeseyisondeza kuye, wadla; wayisa kuye iwayini, waphuza.

UGenesise 49:12

Amehlo akhe ayaklwela iwayini, amazinyo akhe amhlophe ubisi.

UGenesise 9:21

Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.

UHabakuki 2:5

Yebo, iwayini liyakhohlisa , lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma , owandisa ukufisa kwakhe njengendawo ya bafileyo; unjengokufa: akasuthi; uyazibuthela zonke izizwe, uziqoqela bonke abantu.

UHagayi 2:12

Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe , ethinta ngomphetho wakhe isinkwa , noma ukudla , noma iwayini , noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na ? Abapristi baphendula bathi: Qha.

UHezekeli 44:21

Akuyikuphuza iwayini noyedwa umpristi , lapho bengena egcekeni elingaphakathi.

UHoseya 9:2

Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza , iwayini elisha liyakumkhohlisa.

UHoseya 9:4

Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo ; bonke abasidlayo bayakungcola , ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova.

UJeremiya 25:30

Manje, profetha kubo onke lawa mazwi , uthi kubo: UJehova uyakuduma ephezulu, aliphumise izwi lakh e esendaweni yakhe engcwele ; uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe , amemeze njengabanyathela iwayini kubo bonke abakhileyo emhlabeni.

UJeremiya 35:14

Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.

UJeremiya 35:2

Yiya endlini yamaRekabi , ukhulume kuwo , uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo ayo, uwaphuzise iwayini.

UJeremiya 35:5

Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekabi izimbizana ezigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: Phuzani iwayini.

UJeremiya 35:6

Kepha bathi : Asiyikuphuza iwayini , ngokuba uJonadaba , indodana kaRekabi ubaba , wasiyala wathi : Aniyikuphuza iwayini , nina namadodana enu, kuze kube nini,

UJeremiya 35:8

Sililalele izwi likaJonadaba indodana kaRekabi ubaba kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi iwayini zonke izinsuku zethu , thina nawomkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu,

UJeremiya 40:12

bonke abaJuda babuya ezindaweni zonke ababexoshelwe kuzo , bafika ezweni lakwaJuda kuGedaliya eMispa, babutha kakhulu iwayini nezithelo.

UJeremiya 48:33

Ukuthokoza nokujabula kususiw e ensimini nasezweni lakwaMowabi ; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni ; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.

UJeremiya 51:7

IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehov a eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.

UJobe 1:13

Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla , ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo,

UJobe 1:18

Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo;

UJoweli 1:10

Amasimu achithekile , umhlabathi u yalila, ngokuba amabele achithiwe ; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.

UJoweli 1:5

Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayin i ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.

UJoweli 2:24

Izibuya ziyakugcwala amabele , nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.

UJoweli 3:18

Kuyakuthi ngalolo suk u izintaba ziconse iwayini elimnandi , amagquma agobhoze ubisi , yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi ; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.

UMika 6:15

Uyakutshala, ungavuni kodwa ; uyakunyathela iminqumo , ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.

UNehemiya 2:1

Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka - Aritahishashita inkosi , iwayini liphambi kwakhe , ngaliphakamisa iwayini , ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.

UNumeri 6:20

umpristi akuzulis e, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova ; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.

UZefaniya 1:13

Ingcebo yabo iyakuba yimpango , nezindlu zabo incithakalo ; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo , batshale izivini , bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.

UmShumayeli 9:7

Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo , uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.