Skip to Content

"ize"

77 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 11:26

Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

1 kwabaseKorinte 15:58

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile , abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi , nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

1 kwabaseKorinte 1:17

Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize , kepha ukuba ngishumayele ivangeli , kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi , funa isiphambano sikaKristu senziwe ize. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwezwe

1 kwabaseKorinte 1:19

Ngokuba kulotsh iwe ukuthi : Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.

1 kwabaseKorinte 9:15

Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto ; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz ize udumo lwami.

1 uSamuweli 25:21

UDavide wayeshilo ukuthi : Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.

2 kwabaseKorinte 6:1

Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu --

2 kwabaseKorinte 9:3

Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele,

2 uSamuweli 1:22

Egazini labab uleweyo nasemanonin i amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.

AmaHubo 119:126

Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza , ngokuba bawenz ize umthetho wakho.

AmaHubo 127:1

Uma uJehova engayakhi indlu , basebenzela ize abayakhayo ; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.

AmaHubo 72:7

Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza , kuvame ukuthula , ize ingabikho inyanga.

AmaHubo 73:13

Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami , ngahlamba izandla zami ngingenacala,

AmaHubo 89:47

Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.

EkaJakobe 5:7

Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu , ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.

IsAmbulo 20:3

yamphonsa-ke kw alasha, yamvalela phakathi , yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe , ukuze angabe esadukisa izizwe , ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. Ukuvuka kokuqala. Umbuso weminyaka eyinkulungwane

IzAga 1:17

Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.

KuThithu 1:10

Ngokuba baningi abangal aleliyo abakhuluma ize , nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,

Kwabase-Efesu 2:15

ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula,

KwabaseFilipi 2:16

nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.

KwabaseGalathiya 2:2

Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe , kepha phambi kwabadumileyo bebodwa , funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize.

KwabaseGalathiya 2:21

Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu , ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.

KwabaseRoma 13:4

ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu , kube kuhle kuwe . Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba ; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.

KwabaseRoma 3:3

Kunjani pho ? Uma abanye bengakholw anga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na?

KwabaseRoma 3:31

Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa na ? Qha nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.

KwabaseRoma 4:14

Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho;

KwabaseRoma 6:6

sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziw e ize , singabe sisakhonza isono,

NgokukaLuka 12:37

Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi , nxa ifika , izifumane zilindile ; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.

NgokukaLuka 19:10

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo. Omina* abayishumi (Math. 25:14)

NgokukaLuka 24:49

Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba ; kepha hlalani emzini , nize nembathiswe amandla avela phezulu. Ukuvalelisa kukaJesu nokwenyuselwa kwakhe (Mark. 16:19; IzE. 1:9)

NgokukaLuka 7:30

Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.

NgokukaMathewu 12:44

Khona uthi : Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo ; esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe.

NgokukaMathewu 17:9

Besehla entabeni , uJesu wabayala wathi : Ningatsheli muntu lowo mbono , ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.

NgokukaMathewu 18:11

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo. Imvu elahlekileyo. Inceku engenasihawu (Luk. 15:3)

NgokukaMathewu 18:30

Kepha ayivumanga , kodwa yahamba, yayifaka etilongweni , ize ilikhokhe lelo cala.

NgokukaMathewu 18:34

Inkosi yayo yathukuthela , yayinikela kubaphathi betilongo , ize ikhokhe lonke icala layo.

U-Eksodusi 21:35

Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife , bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi.

U-Ezra 10:14

Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke ; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo , benamalunga emizi ngemizi nabahluleli ba yo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.

U-Ezra 5:5

Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda , ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu , kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi.

U-Isaya 13:9

Bheka, usuku lukaJehova luyeza , lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.

U-Isaya 23:13

Bheka, izwe lamaKaledi , leso sizwe esingasekho , esanqunyelwa yi -Asiriya izilwane zasehlane, limisa imibhoshongo, lizenza ize izindlu zaso zamakhosi , lenza laba yincithakalo.

U-Isaya 24:1

Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe, agumbuqele ubuso bawo , ahlakaze abakhileyo kuwo.

U-Isaya 32:4

Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda , ize ikwazi , nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.

U-Isaya 42:15

Ngiyakwenza ize izintaba namagquma , ngomise yonke imifino ya wo, ngenze imifula ibe yiziqhingi, ngenze amachibi ukuba ashe.

U-Isaya 45:18

Ngokuba usho kanje uJehova , owalidala izulu , onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba , wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize , wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: NginguJehova, akakho omunye.

U-Isaya 49:17

Abantwana bakho bayashesha ; abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.

U-Isaya 49:4

Kepha ngase ngithi mina : Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ilungelo lami likuJehova , nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.

U-Isaya 58:13

Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isa batha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo , nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo , uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,

U-Isaya 65:23

Abayikushikashikela ize , bazalele izinhlupheko , ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo.

UDaniyeli 4:35

bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize ; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwin i naphakathi kwabakhileyo emhlabeni ; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: Wenzani na?

UDuteronomi 22:21

bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise , amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife , ngokuba yenzile ubuwula kwa -Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

UGenesise 27:20

U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe : Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola , ndodana yami , na? Wathi: Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.

UGenesise 39:17

Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi , wathi: Le nceku engumHeberu , osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;

UHezekeli 25:13

ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku - Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane , ngimenze ize kusukela eThemani , bawe ngenkemba kuze kube seDedani.

UJeremiya 2:30

Ngibashayele ize abantwana benu , abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.

UJeremiya 46:11

Khuphukela kwaGileyadi , uthathe ibhalisamu , wena ntombi , ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.

UJeremiya 50:37

Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo , naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.

UJeremiya 51:58

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ugange olubanzi lwaseBabel e luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo; abantu bakhandlekela ize nezizwe okomlilo, zikhathale. Izwi kuSeraya

UJeremiya 6:29

Izifutho ziyafutha , kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela ; impela bancibilikisela ize nje, ngokuba ababi abakhishwa.

UJobe 15:31

Makangethembi ezeni, ezikhohlisa, ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.

UJobe 24:25

Uma kungenjalo, ngubani ongangenza onamanga, awenze ize amazwi ami, na?

UJobe 26:6

Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.

UJobe 27:12

Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na?

UJobe 35:16

uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.

UJobe 9:29

Ngiyakulahlwa mina; ngikhandlekelani ize na?

ULevitikusi 24:18

Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.

ULevitikusi 4:22

Nxa kona induna , yenza kungengamabomu nom a yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa , ize ibe necala,

ULevitikusi 4:26

Onke amanoni awo uyakuwashisa e -altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula , umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo , ize ithethelelwe.

UMalaki 1:10

Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha , ukuze ningabaseli ize e -altare lami ! Angithokozi ngani , usho uJehova Sebawoti , angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.

UNehemiya 4:11

Abamelene nathi bathi : Abayikwazi, abayikubona s ize sifike phakathi kwabo, sibabulale, sivimbe umsebenzi.

UNumeri 11:20

kepha inyanga epheleleyo , ize iphume ngamakhala enu , inengeke kini , ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu , nakhala phambi kwakhe ngokuthi: Saphumelani eGibithe na?

UNumeri 30:12

kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo , konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefu mulo wakhe akuyikuma ; indoda yakhe ikwenzile ize ; uJehova uyakumthethelela.

UNumeri 30:13

Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.

UNumeri 30:15

kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.

UNumeri 30:8

kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo , iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwak he nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

UmShumayeli 12:8

Ize leze, usho uMshumayeli, konke kuyize.

UmShumayeli 1:2

Ize leze, usho uMshumayeli, ize leze, konke kuyize.