Skip to Content

"izebeli"

19 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:31

Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu , indodana kaNebati , wathatha u -Izebeli, indodakazi ka -Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.

1 AmaKhosi 18:13

Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni , ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?

1 AmaKhosi 18:19

Ngalokho thumela ubuth e kimi u -Israyeli wonke entabeni yaseKarmeli , nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu , nabaprofethi baka -Ashera abangamakhulu amane abadla etafuleni lika - Izebeli. U-Eliya nabaprofethi bakaBali eKarmeli

1 AmaKhosi 18:4

ngokuba kwathi lapho u -Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova , u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu , wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.

1 AmaKhosi 19:1

U-Ahabi wamtshela u -Izebeli konke akwenzile u -Eliya, naphakathi kwalokho ukuthi ubulele bonke abaprofethi ngenkemba.

1 AmaKhosi 19:2

U-Izebeli wayesethuma isithunywa ku -Eliya ngokuthi : Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi , uma ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo ngalesi sikhathi kusasa.

1 AmaKhosi 21:11

Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kuka-Izebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithume kuwo.

1 AmaKhosi 21:14

Base bethumela ku-Izebeli, bethi: UNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa.

1 AmaKhosi 21:15

Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u- Izebeli wathi ku -Ahabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli , enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.

1 AmaKhosi 21:23

Nango-Izebeli uJehov a wakhuluma , wathi: Izinja ziyakumudla u -Izebeli ngasogangeni lwaseJizreyeli.

1 AmaKhosi 21:25

Kepha akubangakho onjengo -Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.

1 AmaKhosi 21:5

Kepha kwase kufika kuye u -Izebeli umkakhe , wakhuluma kuye , wathi: Uhlunameleni umoya wakho ukuba ungadli lutho na?

1 AmaKhosi 21:7

Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa - Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.

2 AmaKhosi 9:10

Izinja ziyakumudla u -Izebeli esiqeshini sezwe laseJizreyeli ; akuyikubakho muntu wokummbela. Yayisivula umnyango, yabaleka.

2 AmaKhosi 9:22

Kwathi uJoramu esembonile uJehu , wathi: Kusahleziwe kahle , Jehu, na? Wathi: Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u - Izebeli, na?

2 AmaKhosi 9:30

UJehu esefikile eJizreyeli , u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe , wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.

2 AmaKhosi 9:36

Babuya, bamtshela. Wathi: Nanti izwi likaJehova owalikhuluma n gesandla senceku yakhe u-Eliya waseThishibi, ethi: Esiqeshini sezwe laseJizreyeli izinja ziyakuyidla inyama ka-Izebeli;

2 AmaKhosi 9:37

isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: Nangu u-Izebeli.

2 AmaKhosi 9:7

Uyakuchitha indlu ka -Ahabi inkosi yakho ukuba ngiphindisele igazi lezinceku zami abaprofethi negazi lezinceku zonke zikaJehova esandleni sika- Izebeli.