Skip to Content

"izibilini"

26 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:26

Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo , ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomnta nakhe, wathi: E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye, kepha omunye wathi: Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni.

2 iziKronike 21:15

wena wehlelw e yisifo esikhulu , isifo sezibilini , ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.

2 iziKronike 21:19

Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ng esikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili , izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe , wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.

2 uSamuweli 20:10

Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe ; wamgwaza ngayo esiswini , wachithela izibilini zakhe emhlaba thini; wafa engamphindanga. OJowabe no -Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.

AmaHubo 5:9

Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo ; izibilini zabo zingukonakala : umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

AmaHubo 64:6

Basongoza izenzo ezimbi , bathi: Siliqedile icebo elisongoziweyo , izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:4

Othandiweyo wayesengenisa isandla sakhe embotsheni , izibilini zami zamhawukela.

IsiLilo 1:20

Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.

IsiLilo 2:11

Amehlo ami ayaphela izinyembezi , izibilini zami ziyaxhaphazela ; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.

U-Eksodusi 29:13

Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini , namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare.

U-Eksodusi 29:17

Uyihlahlele inqama , uzihlanze izibilini zayo namanqina ayo , ukubeke ndawonye nezitho zayo nenhloko yayo.

U-Eksodusi 29:22

Wothabatha ama noni enqama , nomsila ononileyo , nomhlehlo osibekela izibilini, namanoni esibindi , nezinso zombili namanoni akuzo , nomlenze wokunene, ngokuba kuyinqama yokwahlukaniselwa;

UHezekeli 3:3

Wathi kimi: Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona . Ngase ngiwudla , wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.

UHezekeli 7:19

Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini , igolide labo libe yinto engcolileyo , isiliva labo negolide labo kungabi namandla okubophula ngosuk u lwentukuthelo kaJehova; abayikusuthisa imiphefumulo yabo , bangagcwalisi izibilini zabo, ngokuba kade kuyisikhubekiso sobubi babo.

UJeremiya 31:20

U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye , ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela ; ngiyakuba nesihe impela kuye, usho uJehova.

UJobe 30:27

Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, aziphumuli; izinsuku zosizi zingehlele.

ULevitikusi 1:13

ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi anikele ngakho konke, akushise e -altare kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova.

ULevitikusi 1:9

ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi akushise konke e - altare, kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova.

ULevitikusi 3:14

Abesethabatha kuyo, anikele ngomnikelo wakhe ube ngumnikelo womlilo kuJehova, amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 3:3

Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula , anikele ngomnikelo womlilo kuJehova, umhlehlo osibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 3:9

Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula , anikele ngomnikelo womlilo kuJehova amanoni awo , nomsila wonke ononileyo , awunqume eduze nomhlandla, namanoni asibekela izibilini, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 4:8

Uyakuthabatha onke amanoni enkunzi yomnikelo wesono , amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 7:3

Uyakunikela ngawo onke amanoni awo , umsila ononileyo namanoni asibekela izibilini,

ULevitikusi 8:21

Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi ; uMose washisa yonke inqama e - altare; yayingumnikelo wokushiswa , waba yiphunga elimn andi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

ULevitikusi 9:14

Wahlanza izibilini namanqina , wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e - altare.

ULevitikusi 9:19

namanoni enkunzi nawenqama , nomsila ononileyo , nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi,