Skip to Content

"izifo"

14 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 4:8

Maye kithina ! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na ? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe nga zo zonke izifo ehlane.

AmaHubo 103:3

yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho;

IzEnzo 19:12

baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe , bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.

NgokukaLuka 9:1

Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.

NgokukaMathewu 10:1

Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili , wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe , nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.

NgokukaMathewu 8:17

ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo -Isaya umprofethi ukuthi : Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu. Ukumlandela uJesu (Luk. 9:57)

NgokukaMathewu 9:35

UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo , eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.

U-Eksodusi 23:25

Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu , abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.

U-Isaya 53:4

Kepha yazithwala izifo zethu , yabetshatha ubuhlungu bethu , kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

UDuteronomi 28:59

uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise , kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside.

UDuteronomi 28:60

Uyakubuyisela phezu kwakh o zonke izifo zaseGibithe owazesabayo , zinamathele kuwe.

UDuteronomi 28:61

Konke ukugula nazo zonke izifo okungalotshiwe encwadini yalo mthetho , lokho uJehova uyakukukhweza phezu kwakho, uze ubhujiswe.

UDuteronomi 7:15

UJehova uyakususa kuwe zonke izifo , angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.

UHoseya 13:14

Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo , ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho , kufa, kuphi ukuchitha kwakho , ndawo yabafileyo , na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.