Skip to Content

"izikhwebu"

10 occurrences in ZUL

NgokukaLuka 6:1

Kwathi ngesabatha wadabula amasimu ; abafundi bakhe bakha izikhwebu , badla bezihlikihla ngezandla.

NgokukaMarku 2:23

Kwathi edabu la amasimu ngesabatha , abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba.

NgokukaMathewu 12:1

Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.

U-Isaya 17:5

Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asem i nengalo yakhe evuna izikhwebu, kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.

UDuteronomi 23:25

Lapho ungena ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho , ungazikha izikhwebu ngesandla sakho , kepha ungabeki isikela ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho.

UGenesise 41:22

Futhi ngabona ephusheni lami , bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle.

UGenesise 41:24

Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.

UGenesise 41:26

Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa ; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.

UGenesise 41:5

Walala ubuthongo , waphupha ngokwesibili ; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.

UGenesise 41:7

Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo . Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.