Skip to Content

"izilimi"

13 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 12:10

omunye ukwenza imisebenzi yamandla , omunye ukuprofetha , omunye ukwahlukanisa omoya , omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi , omunye ukuhumusha izilimi.

1 kwabaseKorinte 14:21

Emthethweni kulotshiwe ukuthi : Ngabantu bezinye izilimi , nangezindebe zabezinye izizw e ngiyakukhuluma kulesi sizwe ; kepha noma kunjalo abayikungizwa, kusho iNkosi.

1 kwabaseKorinte 14:22

Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo , kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo , kungesikho kwabangakholwayo.

1 kwabaseKorinte 14:26

Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana , yilowo nalowo uba nehubo , noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.

IsAmbulo 16:10

Eyesihlanu yathululela isitsha say o esihlalweni sobukhosi sesilo ; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,

IzAga 12:18

Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba , kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.

IzEnzo 2:3

Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo ; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo.

IzEnzo 2:4

Base begcwala bonke uMoya oNgcwele , baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

U-Isaya 3:8

Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

UJeremiya 23:31

Bheka, ngimelene nabaprofethi, usho uJehova , abasebenzisa izilimi zabo , bathi: Uthi yena.

UJeremiya 9:5

Yilowo nalowo uyakh ohlisa umakhelwane wakhe , abakhulumi iqiniso ; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga , bazikhathaza ngokwenza okubi.

UJobe 29:10

izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.

UZakariya 8:23

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.