"izimangaliso"
45 occurrences in ZUL
Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo , nezibonakaliso zakhe , nezahlulelo zomlomo wakhe,
Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe , izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
U-Elisha wakubona , wamemeza wathi : Baba, baba, nqola ka -Israyeli nabamahhashi bakhe ! Akabe esambona futhi ; wabamba izingubo zakhe , waziklebhula kabili. U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe
UGideyoni wathi kuyo : O nkosi yami , uma uJehova enathi , konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: UJehova akasikhuphulanga eGibithe na ? Kepha manje uJehova u silahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.
Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo , nezibonakaliso zakhe , nezahlulelo zomlomo wakhe,
izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.
Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.
Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.
yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu , ngokuba umusa wakhe umi phakade;
ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa , ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi ; akukho okungafaniswa nawe ; uma ngiyilanda , ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.
Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami ; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.
Makabongwe uJehova uNkulunkulu , uNkulunkulu ka -Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.
Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze ; balanda izimangaliso zakho.
Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova , yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,
Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso ; amandla akho uwazisile ezizweni.
Wazenza izimangaliso emehlweni awoyis e ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.
Ngokuba umkhulu wena , uyenza izimangaliso , unguNkulunkulu wena wedwa.
Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni , nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
Izimangaliso zakho , Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu , ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.
Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe , izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami ; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezul u nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.
Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba ; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi.
Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho. Izimangaliso zabaphostoli
Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.
Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu , nasehlane iminyaka engamashumi amane.
Kepha abapristi abakhulu nababhali , bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide, bacasuka,
Wayesethi uJehova kuMose : UFaro akayikukulalela ukuba izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.
Ngubani onjengawe Jehov a phakathi kwawonkulunkulu ; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele , owesabeka ngezibongo , owenza izimangaliso, na?
Wayesethi: Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.
UJehova wathi kuMose: Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe ; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.
Jehova, unguNkulunkulu wami ; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso , namasu asendulo , nokuthembeka, neqiniso.
ngalokho ngiyakubuy e ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo , izimangaliso impela; ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.
Ake usibuzele kuJehova , ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.
Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.
Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,
Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na ? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.
yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo , izimangaliso ezingenakubalwa,
owenza izinto ezinkulu ezi ngenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
UJoshuwa wathi kubantu : Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.
Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.
Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibith e ngiyakubabonisa izimangaliso.
benqaba ukulalela , abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo , kepha benza lukhuni izi ntamo zabo , nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo ; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo , onomusa nesihe ; wephuza u kuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.