Skip to Content

"izincwadi"

26 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:8

Wayeseloba izincwadi egameni lika -Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithuma izincwadi kumalunga nakwab akhulu ababesemzini wakhe, abakhe kanye noNaboti.

1 kwabaseKorinte 16:3

Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma , bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;

2 AmaKhosi 10:1

U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya . UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:

2 iziKronike 30:1

UHezekiya wathumela kuye wonke u -Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema , bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.

2 kaPetru 3:16

njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa , okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi , kube ngukubhujiswa kwabo.

2 kwabaseKorinte 10:10

Ngokuba izincwadi -ke bathi zinzima , zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.

2 kwabaseKorinte 3:1

Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na?

IsAmbulo 20:12

Ngabona abafileyo , abakhulu nabancane , bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa ; nenye incwadi yavulwa , ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.

IzEnzo 19:19

Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

IzEnzo 22:5

njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke ; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane , ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

IzEnzo 9:2

wacela kuye izincwadi zokuya eD amaseku emasinagogeni, kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela , abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.

NgokukaJohane 21:25

Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu ; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.

U-Esteri 1:22

yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi , ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.

U-Esteri 3:13

Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

U-Esteri 8:10

Waloba egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, wakunamathelisa ngendandatho yenkosi, wazithuma izincwadi ngesandla sezigijimi zamahhashi , zigibela amahhashi anejubane, amahhashi enkosi akhethekileyo,

U-Esteri 8:5

Wathi: Uma kukuhle enkosini , noma ngifumene umusa phambi kwayo , noma le nto ilungile phambi kwenkosi , uma ngithandeka emehlweni ayo , makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;

U-Esteri 9:20

UMoridekayi waziloba lezo zindaba , wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababe sezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi, abaseduze nabakude,

U-Esteri 9:30

Wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, zinamazwi okuthula neqiniso,

UDaniyeli 1:4

abafana abangenasici , ababukeka kahle , abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini , abanokuqonda ekwazini , abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.

UDaniyeli 7:10

Umnonjana womlilo wavela , waphuma phambi kwakhe ; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe ; kwahlala abahluleli , izincwadi zavulwa.

UJeremiya 29:25

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba uthumile egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya , umpristi, nakubo bonke abapristi, ngokuthi:

UNehemiya 2:7

Futhi ngathi enkosini : Uma kukuh le enkosini , manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula , ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,

UNehemiya 2:9

Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula , ngabanika izincwadi zenkosi . Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.

UNehemiya 6:17

Phezu kwalokho abakhulu bakwaJuda bathuma ngalezo z insuku izincwadi eziningi kuThobiya, nezikaThobiya zafika kubo.

UNehemiya 6:19

Bakhuluma ngezenzo zakhe ezinhle phambi kwami, bamukisa kuye amazwi ami. UThobiya wathuma izincwadi ukungesabisa.

UmShumayeli 12:12

Kepha phezu kwalana , ndodana yami , mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.