"izindlela"
89 occurrences in ZUL
UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.
UJothamu waba namandla , ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.
Izindlela zakhe zithembekile iz ikhathi zonke ; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.
Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda ; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyal o yakho yonke ilungile ; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho.
Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho , ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.
Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho.
Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho.
Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova , angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqinis o kulabo abagc ina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.
Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.
Ngithe: Ngizakulinda izindlela zam i ukuba ngingoni ngolimi lwami ; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo , omubi esekhona pham bi kwamehlo ami.
Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho ; nezoni ziyakuphendukela kuwe.
Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane , ngaze ngathi: Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,
Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho , Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;
Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile , abapristi balo bayabubula ; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.
Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo.
Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova.
Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo, wagwegwisa imikhondo yami.
Ohamba ngobuqotho uhamba ngoku londeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.
Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe , kepha uJehova uyalinganisa imimoya.
Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.
Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifuben i ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.
Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe , kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango ; iyasusa ukuphila komniniyo.
funa ufunde izindlela zakhe, uthole ugibe lomphefumulo wakho.
Ndodana yami , ngiphe inhliziyo yakho , amehlo akho enamele izindlela zami.
ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni, nasezithunzini izindlela zakhe.
egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.
Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi ; yonke imikhondo yakho ingukuthula.
Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane , ziqine zonke izindlela zakho.
Ngokuba izindlela zomunt u ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu ; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.
nofakazi wamanga ophafuza inkohliso , obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane. Izindlela zokuphinga
Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,
Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
wathi: O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?
Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.
nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.
ngalokho nganengwa yileso sizukulwane , ngathi: Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,
Nawe-ke mntw ana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke , ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo
Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho , ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.
Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.
Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; yena uyakuwakha umuzi wami , avumele abathunjwa bami ukuba bahambe , kungabi ngenkokhelo nangesipho, usho uJehova Sebawoti. U-Israyeli ungufakazi kuzo izizwe zonke
Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami, usho uJehova.
Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba , kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.
Ngizibonile izindlela zakhe , ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,
Nokho bangifuna izinsuku zonke , bathanda ukwazi izindlela zami ; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.
Indlela yokuthula abayazi , nokwahlulela akukho emikhondweni yabo ; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.
Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu , kepha enikela nangegazi lezingulube , noshisa inhlaka , ebonga nesithombe , yebo, laba bakhethile izindlela zabo , nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.
kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini ; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho ; wena nezinduna zakho , nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo , utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni , abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe , nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.
Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulu nkulu wenu , nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,
Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele , ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakal a; ulungile, uqotho yena.
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.
Awuhambanga ngezindlela zabo , awenzanga ngezinengiso zabo , kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje , wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.
Usuyakuzikhumbula izindlela zakho , ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane , ngikunike wona abe ngamadodakazi , kungabi ngesivumelwano sakho kodwa.
Kepha indlu yakwa -Israyeli ithi : Indlela yeNkosi ayilingani . Wena ndlu yakwa-Israyeli, izindlela za mi azilingani na ? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
Niyakukhumbula khona izindlela zenu , nazo zonke izenzo zenu enizingcolise ngazo , ninengeke emehlweni enu ngakho konke okubi enikwenzileyo.
Wena ndodana yomuntu , zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele , zombili ziphume ezweni linye , wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi.
Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle , ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.
Iso lami aliyikukuhawukela, ngingabi nabubele ; ngiyakwehlisela izindlela zakho phezu kwakho , izinengiso zakho zibe phakathi kwakho ; niyakwazi ukuthi nginguJehova.
Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto ; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile ; abalungileyo bayakuhamba ngazo , kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.
umprofethi engumlindi ka -Efrayimi kanye noNkulunkulu wami , ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe , nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.
Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi : Kuphila kukaJehova, njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.
Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo ; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.
Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema , uthi: Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, nginibumbela okubi , ngiceba icebo ngani ; buyani, kube yil owo nalowo endleleni yakhe embi , nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.
Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu , nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.
Ulungisa kahle kanjan i indlela yakho ukufuna uthando ! Ngalokho nabesifazane ababi ubafundisile izindlela zakho.
omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike , kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;
Yazi kuphela ububi bakh o ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizw e phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami, usho uJehova.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo.
Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu , uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe,
Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.
Nokho bathi kuNkulunkulu: Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.
Kuyintokozo yini kuSomandla , uma ulungile, kuyinzuzo kuye, uma wenza izindlela zakho ziphelele, na?
Uma ngangikhethile izindlela zabo , ngangiyakuhlala emqoka , ngahlalisa okwenkosi empini, njengoduduza abalilayo.
Ngakwesokunene kuvuka amachwensa ; agudlumeza izinyawo zami , anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?
Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphele zonke izindlela zami.
Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu ; ubona zonke izinyathelo zakhe.
Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu : ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;
Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nihambe kuzo zonke izindlela zakhe , nigcine imiyalo yakhe , ninamathele kuye , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
Bagijima njengamaqhawe , bakhwela ezingangeni njengamadoda empi ; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe , abaphambanisi izindlela zabo.
Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.
Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami , kepha nikhethe ubuso emthethweni.
Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.