Skip to Content

"izingelosi"

39 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:12

abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona. UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele

1 kaPetru 3:22

okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini , sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.

1 kwabaseKorinte 6:3

Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na ? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila.

2 kaPetru 2:11

kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.

2 kaPetru 2:4

Ngokuba uma uNk ulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo , kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni , emigodini yobumnyama , ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,

AmaHubo 104:4

owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.

AmaHubo 91:11

Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.

IsAmbulo 14:13

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna

IsAmbulo 14:5

nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici. Izingelosi ezintathu zimemezela ukwahlulela

IsAmbulo 15:1

Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo : izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.

IsAmbulo 15:6

kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo , zizibophe ezifubeni ngamabhande egolide.

IsAmbulo 15:7

Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide , zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.

IsAmbulo 16:1

Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini , lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: Hambani nithululele em hlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.

IsAmbulo 21:12

unogange olukhulu noluphake meyo, unamasango ayishumi nambili , nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili , kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli;

IsAmbulo 7:1

Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba , ukuze kungavunguzi moya emhlabeni , naselwandle, nakowodwa umuthi.

IsAmbulo 7:2

Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga , inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle,

IsAmbulo 8:2

Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu , zanikwa amacilongo ayisikhombisa.

IsAmbulo 8:5

Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho , yasigcwalisa ngomlilo wase - altare, yasiphonsa emhlabeni ; kwase kuba khona ukuduma , namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu ziphethe amacilongo. Ezine zokuqala ziyabetha amacilongo

IsAmbulo 8:6

Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha.

IsAmbulo 9:14

lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo : Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.

IsAmbulo 9:15

Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora , nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

KumaHeberu 13:2

Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.

KumaHeberu 1:7

Ngezingelosi uthi: Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.

KumaHeberu 2:16

Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama.

KumaHeberu 2:5

Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.

KwabaseKolose 2:18

Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi , ephike ngemibono yakhe , ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,

NgokukaJohane 20:12

wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe , zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.

NgokukaLuka 2:15

Kwathi u kuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini , abelusi bakhuluma bodwa, bathi: Asihambe manje , size sifike eBetlehema , sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.

NgokukaLuka 4:11

Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikulinde, nokuthi: Ziyakukuthwala ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.

NgokukaMarku 13:27

Lapho iyakuthuma izingelosi , iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.

NgokukaMarku 1:13

Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane ; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza. Ukubizwa kwabafundi (Math. 4:12; Luk. 5:1)

NgokukaMathewu 13:41

INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo , zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,

NgokukaMathewu 13:49

Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,

NgokukaMathewu 18:10

Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane , ngokuba ngithi kini : Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

NgokukaMathewu 24:31

Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo , ziqoqe abakhethiweyo b ayo emimoyeni yomine , kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

NgokukaMathewu 4:11

USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. UJesu uqala ukusebenza eGalile. Ukubizwa kwabafundi (Mark. 1:14; Luk. 5:1)

NgokukaMathewu 4:6

wathi kuye : Uma uyiNdodana kaNkulunkulu , ziphonse phansi ; ngokuba kulotshiwe ukuthi : Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.

UGenesise 19:1

Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile ; uLoti wayehlezi esangw eni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza ; wakhothamela emhlabathini ngobuso,

UGenesise 32:1

UJakobe wahamba indlela yakhe; izingelosi zikaNkulunkulu zamhlangabeza.