Skip to Content

"izinkuni"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:12

Kepha wathi : Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho , anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni ; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili , ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.

1 AmaKhosi 18:33

Wahlela izinkuni, wayihlahlela inkunzi, wayibeka phezu kwezinkuni.

AmaHubo 58:9

Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva , uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.

IsiLilo 5:4

Amanzi ethu siyawaphuza ngemali, izinkuni zethu ziza ngentengo.

UGenesise 22:3

U-Abrahama wavuka ekusen i, wabophela imbongolo yakhe , wathatha ezimbili ezincekwini zakhe , no-Isaka indodana yakhe ; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.

UGenesise 22:6

U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa , wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe , waphatha esandleni sakhe uml ilo nomese ; bahamba bobabili kanyekanye.

UGenesise 22:9

Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona ; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e- altare phezu kwezinkuni.

UHezekeli 24:10

Fumbela izinkuni , ukhwezele umlilo , uqede inyama, wome umhluzi, amathambo ashiswe.

UHezekeli 24:5

Thatha okukhethekileyo komhlambi , ubungele izinkuni phansi kwalo , ulibilise nokulibilisa, kuphekwe namathambo phakathi kwalo.

UHezekeli 24:9

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Maye kumuzi wezingazi ! Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.

UJeremiya 7:18

Abantwana batheza izinkuni , oyise baphemba umlilo , abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane , bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.

ULevitikusi 1:7

Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e -altare, ahlele izinkuni phezu komlilo;

ULevitikusi 6:12

Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo , ahlele kulo umnikelo wokushiswa , ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.

UNumeri 15:32

Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha.

UNumeri 15:33

Abamfumana ethez a izinkuni bamyisa kuMose naku -Aroni nakuyo yonke inhlangano.

UmShumayeli 10:9

Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.