Skip to Content

"izinsika"

57 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:12

Ngemi-alimugi inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu nezingubhu zabahlabeleli ; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.

1 AmaKhosi 6:33

Wenzela futhi umnyango wethempeli izinsika zomnyango ngomnqumo , ziyizinhlangothi ezine,

1 AmaKhosi 7:15

Wakhanda izinsika ezimbili zethusi , yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo , nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika.

1 AmaKhosi 7:21

Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli ; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini , wayimisa nensika yasokhohlo , waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.

1 AmaKhosi 7:41

izinsika ezimbili , nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,

1 uSamuweli 2:8

Uyamvusa ompofu othulini , uyaphakamisa impabanga ezaleni , abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi , ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.

2 AmaKhosi 10:26

Bakhipha izinsika ezazisendlini kaBali, bazishisa.

2 AmaKhosi 17:10

Bazimisela izinsika nawo -Ashera emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,

2 AmaKhosi 18:4

Wasusa izindawo eziphakemeyo , wadiliza izinsika , wanquma o -Ashera, wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose , ngokuba abantwana bakwa - Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku ; yabizwa ngokuthi uNehushitani.

2 AmaKhosi 23:14

Yaphahlaza izinsika , yanquma o -Ashera, yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.

2 AmaKhosi 25:13

Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi , nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula , athuthela ithusi lakho eBabele.

2 AmaKhosi 25:16

Izinsika zombili , nolwandle olwalulunye nje , nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova , ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.

2 iziKronike 14:3

Wawasusa ama -altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo , wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,

2 iziKronike 31:1

Sekuphelile konke lokho , u-Israyeli wonke owayekhona wap huma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama -altare kwaJuda wonke , nakwaBenjamini, nakwa- Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke . Base bebuyel a bonke abantwana bakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo ef eni lakhe , emizini yakubo.

2 iziKronike 3:15

Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili , ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.

2 iziKronike 3:17

Wazimisa izinsika phambi kwethempeli , enye ngakwesokunen e nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.

2 iziKronike 4:12

izinsika ezimbili , nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,

AbAhluleli 16:26

USamsoni wathi kumfana owayembambe ngesandla : Ngivumele ukuphatha izinsika indlu emi ngazo ukuba ngencike kuzo.

AbAhluleli 16:29

USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu , wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.

AmaHubo 75:3

Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo ; mina ngimisile izinsika zawo. Sela

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:10

Yenza izinsika zalo ngesiliva , nephansi lalo ngegolide , nesihlalo salo ngokububende, ubuphakathi balo bugandaywe ngothand o lwamadodakazi aseJerusalema.

IzAga 9:1

Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho ; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.

U-Eksodusi 26:37

Ulenzele iveli izinsika eziyisihlanu zomtholo , uzinameke ngegolide; izingwegwe zazo mazibe yigolide, uzikhandele izinyawo eziyisihlanu zethusi.

U-Eksodusi 27:10

izinsika zalo zibe ngamashumi amabili , nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

U-Eksodusi 27:12

Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi.

U-Eksodusi 27:14

Izilenge kolunye uhlangothi mazibe yizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.

U-Eksodusi 27:15

Nakolunye uhlangothi makube yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu , izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.

U-Eksodusi 27:16

Koba khona iveli lesango legceke , libe yizingalo ezingamashumi amabili , ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , umsebenzi womfekethisi , izinsika z abo zibe zine , nezinyawo zazo zibe zine.

U-Eksodusi 27:17

Izinsika zonke zegceke zonamekwa ngesiliva, izingwegwe zazo zibe yisiliva, izinyawo zazo zibe yithusi.

U-Eksodusi 34:13

Kepha niyakuwadiliza ama -altare abo , niziphahlaze izinsika zabo , nibagawule o-Ashera babo,

U-Eksodusi 38:10

Izinsika zazo zazingamashumi amabili , nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zaziyisiliva.

U-Eksodusi 38:11

Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu , izinsika zazo zingamashumi amabili , nezinyawo zazo zingamas humi amabili zethusi ; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

U-Eksodusi 38:12

Ngasohlangothini olungasentshonalanga izilenge zaziyizingalo ezingamashumi ayisihlanu , izinsika zazo zaziyishumi , nezinyawo zazo zaziyishumi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

U-Eksodusi 38:14

Izilenge kwelinye icele lesango zaziyizingalo eziyishumi nanhlanu ; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.

U-Eksodusi 38:15

Kwaba njalo nakwelinye icele : ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu ; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.

U-Eksodusi 38:17

Izinyawo zezinsika zaziyi thusi, izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva; izihloko zazo zazinamekwe ngesiliva ; zonke izinsika zegceke zazinesibopho sesiliva.

U-Eksodusi 38:19

Izinsika zalo zazizine , nezinyawo zalo zazizine zethusi ; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva.

U-Eksodusi 40:18

UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo.

U-Isaya 6:4

Izinsika zomnyango zathuthumela ngezwi lomemezayo , indlu yagcwala umusi.

UDuteronomi 12:3

niwadilize ama -altare a zo, niziphohloze izinsika zazo , nibashise o -Ashera bazo ngomlilo , nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo , nesule igama lazo kuleyo ndawo.

UDuteronomi 7:5

Niyakubaphatha kanje : niyakudiliza ama -altare abo , niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.

UHezekeli 26:11

Ngezinselo zamahhashi akhe uyakunyathela zonke izitaladi zakho , abulale abantu bakho ngenkemba, kuwe phansi izinsika zemandla akho.

UHezekeli 40:16

Kwakukhona amafasitele avaliweyo , kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke , kanjalo nakuyo imen gamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.

UHezekeli 40:21

Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha , emathathu nangalapha ; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango s okuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu , nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

UHezekeli 40:24

Wayesengiyisa ngaseningizimu ; bheka, isango lingaseningizimu ; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla.

UHezekeli 40:37

Izinsika z alo zazibheke egcekeni elingaphandle ; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha ; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

UHezekeli 40:48

Wayesengingenisa emphemeni wendlu , walinganisa izinsika zompheme : yizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyis ihlanu ngalapha ; ububanzi besango babuyizingalo ezintathu ngalapha nezingalo ezintathu ngalapha.

UHezekeli 41:1

Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika , ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha , ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha , ububanzi betabernakele.

UHezekeli 41:21

Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine , nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.

UHezekeli 41:3

Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha ; nobubanzi bomnyango : yizingalo eziyisikhombisa.

UHoseya 10:2

Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.

UJeremiya 43:13

Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe ; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.

UJeremiya 52:17

Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi , nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula , athuthela lonke ithusi lakho eBabele.

UJeremiya 52:20

Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye , inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.

UJeremiya 52:21

Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza ; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.

UJobe 26:11

Izinsika zezulu ziyathuthumela; ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.

UJobe 9:6

ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo;