Skip to Content

"izinsizwa"

52 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:10

Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina, uyakukhuluma kanje kubo, uthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

1 AmaKhosi 20:15

Wayesebala izinsizwa zezikhulu zezifunda , zazingamakhulu amabili namashumi amathathu nambili ; emva kwazo wabala abantu bonke , bonke abantwana bakwa-Israyeli, beyizinkulungwane eziyisikhombisa.

1 AmaKhosi 20:17

Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala ; uBeni Hadadi wathumela , bamtshela ukuthi kuphume abantu eSamariya.

1 AmaKhosi 20:19

Zaphuma-ke emzini izinsizwa lezo zezikhulu zezifunda kanye nempi eyazilandela.

1 uSamuweli 21:2

UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo . Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.

1 uSamuweli 21:4

Umpristi wamphendula uDavide , wathi: Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami , kepha kukhona isinkwa esingcwele , uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.

1 uSamuweli 25:12

Zase ziphenduka izinsizwa zikaDavide endleleni yazo, zabuyela, zamtshela onke lawo mazwi.

1 uSamuweli 25:19

Wathi kuzo izinsizwa : Hambani phambi kwami ; bhekani, ngiyanilandela. Kepha akayitshelanga indoda yakhe uNabali.

1 uSamuweli 25:25

Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali , ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.

1 uSamuweli 25:27

Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkos ini yami , masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.

1 uSamuweli 25:5

UDavide wathuma izinsizwa eziyishumi ; uDavide wathi kuzo izinsizwa : Khuphukelani eKarmeli, niye kuNabali, nimbingelele egameni lami,

1 uSamuweli 25:8

Buza izinsizwa zakho , ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle ; ake unike izi nceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.

1 uSamuweli 25:9

Sezifikile izinsizwa zikaDavide zakhuluma kuNabali njengawo onke lawo mazwi egameni likaDavide, bese zilinda.

1 uSamuweli 30:17

UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso , akwaphunyuka muntu kubo , kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.

2 AmaKhosi 5:22

Wathi: Sisahlezi kahle . Inkosi yami ingithumile ngokuthi : Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.

2 AmaKhosi 8:12

UHazayeli wathi: Inkosi yami ikhalelani na? Yathi: Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa -Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.

2 iziKronike 10:10

Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda , kepha wena ulenze libe lula kithina , uyakusho kubo kanje ukuthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

2 iziKronike 36:17

Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele , ayihawukelanga nansizwa , nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.

2 uSamuweli 13:32

UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi : Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke , amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo ; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka - Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.

2 uSamuweli 18:15

Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.

2 uSamuweli 2:14

U-Abineri wathi kuJowabe : Ake zisuke izinsizwa , ziqakulizane phambi kwethu. UJowabe wathi: Mazisuke.

2 uSamuweli 4:12

UDavide wayeseyaleza izinsizwa zakhe , zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka ngaseceleni kwechibi laseHebroni. Kepha bathatha ikhanda lika-Ishi Bosheti, balimbela ethuneni lika-Abineri eHebroni.

AbAhluleli 14:10

Uyise wehla , waya kulowo wesifazane , uSamsoni wenza idili khona , ngokuba zazenze njalo izinsizwa.

AmaHubo 78:31

intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela , wabulala abakhulupheleyo babo , wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

AmaHubo 78:63

Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo; izintombi zabo azihutshelwanga.

IsiLilo 1:15

INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami ; ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami ; iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda.

IsiLilo 5:13

Izinsizwa zathwala amatshe okugaya , abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.

IzEnzo 2:17

Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela , kusho uNkulunkulu , ngiyakuthulula uMoya wam i phezu kwayo yonke inyama ; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono , abadala benu baphuphe amaphupho;

IzEnzo 5:10

Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe , wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile , zamkhiphela phandle , zammbela ngasendodeni yakhe.

IzEnzo 5:6

Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.

U-Amose 4:10

Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe , ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu , ngenza ukuba ukunuka kwekamu lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova.

U-Eksodusi 24:5

Wathuma izinsizwa zabantwana bakwa -Israyeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi.

U-Isaya 13:18

Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo ; abayikuhawukela isithelo esisesizalweni, amehlo abo angabi nasihe kubantwana.

U-Isaya 23:4

Yiba namahloni wena Sidoni , ngokuba lukhulumile ulwandle , inqaba yolwandle, ngokuthi: Angibanga namihelo , angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.

U-Isaya 31:8

I-Asiriya liyakuwa ngenkemba , kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.

U-Isaya 40:30

Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa,

UDuteronomi 32:25

Ngaphandle inkemba iyakwaphuca , ingebhe phakathi emakamelwe ni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga.

UHezekeli 23:23

abaseBabele, nawo onke amaKaledi , iPhekodi, neShowa, neKhowa, nabo bonke abase -Asiriya kanye nabo , izinsizwa ezinxanelekayo , izinduna, nababusi, nabakhulu, nezikhulu, nabadumileyo, bonke bekhwele amahhashi.

UHezekeli 23:6

ababembethe okuluhlaza , izinduna nababusi , izinsizwa ezinxanelekayo zonke, izinkweli ezikhwele amahhashi.

UHezekeli 30:17

Izinsizwa zase -Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba , imizi iye ekuthunjweni.

UJeremiya 11:22

ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba ; amadodana abo namadodakazi abo ay akufa ngendlala,

UJeremiya 18:21

Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni , ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana , babe ngaba felokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.

UJeremiya 48:15

Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile , izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa , isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

UJeremiya 49:26

Ngalokho izinsizwa zawo ziyakuwa ezitaladini zalo , nawo onke amadoda empi ayakuthuliswa ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti.

UJeremiya 50:30

Ngalokho izinsizwa zal o ziyakuwa ezitaladini zalo , nawo onke amadoda alo empi ayakunqunywa ngalolo suku, usho uJehova.

UJeremiya 51:22

ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane , ngiphahlaze ngawe abadala nabasha, ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;

UJeremiya 51:3

Ocibishelayo uyakunsala umnsal o kogoba umnsalo khona , nakuye oziphakamisa ngebhantshi lakhe lensimbi; ningasindisi izinsizwa zalo, niqede nya impi yalo yonke.

UJobe 29:8

izinsizwa zangibona, zacasha, nezimpunga zasuka zema,

UJoshuwa 6:23

Izinsizwa ezaziyizinhloli zangen a, zamkhipha uRahabi , noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo , zakhipha bonke abomuzi wakhe , zababeka ngaphandle kwekamu lakwa-Israyeli.

UJoweli 2:28

Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu k wayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha , abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;

URuthe 3:10

Yathi: Mawubusiswe nguJehova , ndodakazi yami ; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa , noma zimpofu noma zicebile.

UZakariya 9:17

Yeka ubuhle balo ! Yeka ukubukeka kwalo ! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.