Skip to Content

"izintandane"

10 occurrences in ZUL

AmaHubo 109:12

Makungabikho omenzela umusa , futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.

EkaJakobe 1:27

Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.

U-Eksodusi 22:15

Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe. Imithetho yokuphatha izintandane, nabafokazi, nabampofu nokunye

U-Isaya 10:2

ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni , nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho , ukuze abafelokazi babe yimpango yabo , baqhwage izintandane.

U-Isaya 1:17

Fundani ukwenza okuhle , nifune ukwahlulela , niqondise abacindezeli , nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.

U-Isaya 1:23

Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.

U-Isaya 9:17

Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo , ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula ; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

UHezekeli 22:7

Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.

UJeremiya 49:11

Shiya izintandane zakho , mina ngiyakuziphilisa , abafelokazi bakho bethembe kimi.

UJeremiya 5:28

Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele , nemfanelo yabampofu abayahluleli.