Skip to Content

"izinyathelo"

29 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 20:10

UHezekiya wathi : Kulula kuso isithunzi ukuba selule izinyathelo eziyishumi; qha, isithunzi masibuye izinyathelo eziyishumi.

2 AmaKhosi 20:11

U-Isaya umpro fethi wakhala kuJehova , wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi. Izithunywa zaseBabele

2 AmaKhosi 20:9

Wathi u-Isaya: Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lo kho akukhulumileyo : isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?

2 uSamuweli 6:13

Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.

AmaHubo 119:133

Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi.

AmaHubo 17:5

Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli.

AmaHubo 37:23

Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe.

AmaHubo 37:31

Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe ; izinyathelo za khe azisheleli.

AmaHubo 40:2

Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi , wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.

AmaHubo 44:18

Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva ; izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,

AmaHubo 56:6

Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami , njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

AmaHubo 57:6

Izinyathelo zami bazibekele ugibe ; umphefumulo wami ugobile ; bembile igebe phambi kwami, kwakhalakathela bona kulo. Sela

AmaHubo 73:2

Kepha mina , izinyawo zami zicishe zakhubeka ; kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

AmaHubo 77:19

Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi , kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.

IsiLilo 4:18

Bazingela izinyathelo zeth u ukuba singahambi ezigcawini zethu . Ukugcina kwethu kuseduze, izinsuku zethu zigcwele, yebo, ukugcina kwethu kufikile.

IzAga 16:9

Inhliziyo yomuntu iceba indlela , kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

IzAga 20:24

Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova ; pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?

IzAga 5:5

Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni ; izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.

U-Isaya 26:6

Unyawo luyakuwunyathela phansi , izinyawo zabaswelayo, izinyathelo zabampofu.

U-Isaya 38:8

bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika - Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi . Ilanga labuya -ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo. Ihubo likaHezekiya

UHezekeli 40:26

Kwakukhona izinyathelo eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo , imengamo iphambi kwazo; lalinamasundu, lilinye ngalapha nelinye ngalapha ezinsikeni zalo.

UHezekeli 43:17

Unqenqema, ubude balo , babuyizingalo eziyishumi nane , ububanzi balo bungeziyishumi nane ezinhlangothini zalo zozine ; umncele nxazonke kwalo wawuyinxenye yeng alo; isinqe salo sasiyingalo nxazonke , izinyathelo zalo zibheke ngasempumalanga.

UJeremiya 10:23

Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo ; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.

UJobe 14:16

yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami, ungaqapheli isono sami.

UJobe 18:7

Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa ; amasu akhe ayamlahla phansi.

UJobe 29:6

lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga , nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.

UJobe 31:4

Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?

UJobe 31:7

Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni , inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,

UJobe 34:21

Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu ; ubona zonke izinyathelo zakhe.