Skip to Content

"izithombe"

86 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:26

Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama -Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

1 iziKronike 10:9

Amphanga, athatha ikhanda lakhe nezikhali zakhe , akuthuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela kuzo izithombe zawo nakubantu.

1 kaPetru 4:3

Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuth andwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala , nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.

1 kwabaseKorinte 10:13

Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu ; kepha uN kulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha , nize nibe namandla okukuthwala. Ningakhonzi izithombe

1 kwabaseKorinte 10:14

Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.

1 kwabaseKorinte 10:28

Kepha uma umuntu ethi kini : Lokhu kuhlatshelwe izithombe , ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,

1 kwabaseKorinte 10:7

Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo , njengokulotshiweyo ukuthi : Abantu bahlala phansi ukuba badle , baphuze, basukuma ukuba badlale.

1 kwabaseKorinte 12:2

Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu , nakuba naholwa kanjalo.

1 kwabaseKorinte 5:10

angisho izifebe zalo mhlaba , nokuba abahahayo nabaphangi , nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;

1 kwabaseKorinte 5:11

kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe , noma engohahayo , noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.

1 kwabaseKorinte 8:1

Maqondana nokuhlatshe lwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi . Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.

1 kwabaseKorinte 8:4

Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlats helwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu , munye kuphela.

1 kwabaseThesalonika 1:9

Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendu kela kanjani kuNkulunkulu , nishiya izithombe , ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,

1 uSamuweli 15:23

Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova , naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.

2 AmaKhosi 17:12

bakhonza izithombe uJehova ashilo ngazo kubo ukuthi : Aniyikwenza le nto.

2 AmaKhosi 17:16

Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunku lu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabil i, benza no -Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.

2 AmaKhosi 17:23

uJehova waze wamsusa u -Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi . Wayesethunjwa u- Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla. AmaSamariya nokukhonza kwawo izithombe

2 AmaKhosi 17:41

Zesaba-ke lezo zizwe uJehova , kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo ; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.

2 AmaKhosi 21:21

Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo , wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo;

2 iziKronike 28:2

kepha wahamba ngezindlela zamakh osi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.

2 iziKronike 33:22

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise ; u- Amoni wahlabela zo nke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase uyise , wazikhonza.

2 uSamuweli 5:21

Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.

AmaHubo 106:36

Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.

AmaHubo 106:38

Bachitha igazi elingenacala , igazi lamadodana abo namadodakazi ab o abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.

AmaHubo 115:4

Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

AmaHubo 135:15

Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

AmaHubo 97:7

Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo , abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

IsAmbulo 21:8

Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili. Inkazimulo yeJerusalema lasezulwini

IsAmbulo 22:15

Ngaphandle kukhona izinja , nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.

IsAmbulo 2:14

Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngaw e, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa -Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.

IsAmbulo 2:20

Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi , afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe , zidle okuhlatshelwe izithombe;

IzEnzo 17:16

Kwathi uPawulu esabalinda e -Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.

IzEnzo 21:25

Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe , negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.

Kwabase-Efesu 5:5

Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe , noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe , onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu. Ukuhamba ekukhanyeni

KwabaseGalathiya 5:20

nokukhonza izithombe , nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,

KwabaseKolose 3:5

Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni , ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,

U-Amose 5:26

Seniyakuthwala uSakuti inkosi yen u noKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu, izithombe zenu enizenzele zona.

U-Eksodusi 20:4

Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo , namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;

U-Eksodusi 23:24

Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo , ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo , kepha wobachitha impela , ubhidlize izithombe zabo.

U-Isaya 21:9

Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili . Wathatha wathi: Liwile, liwile iBabele , nazo zonke izithombe ezibaziwey o zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.

U-Isaya 2:18

ziphele izithombe, zithi nya.

U-Isaya 2:20

Ngalolo suku abantu bayakulahla kuw o amavukuzi nakuwo amalulwan e izithombe zabo zesiliv a nezithombe zabo zegolide , abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,

U-Isaya 31:7

Ngokuba ngalolo suku bayakulahla , kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.

U-Isaya 44:8

Ningesabi, ningabi naluvalo; angithi ngikuzwisile kusukela endulo , ngakumemezela, na? Nina ningofakazi bami . Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Cha, alikho iDwala; angilazi. Izithombe

U-Isaya 45:16

Bayakujabha, babe namahloni bonk e kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.

U-Isaya 46:1

UBeli uyaguqa , uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo , banzima ezilwaneni eziyethileyo.

UDuteronomi 12:3

niwadilize ama -altare a zo, niziphohloze izinsika zazo , nibashise o -Ashera bazo ngomlilo , nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo , nesule igama lazo kuleyo ndawo.

UDuteronomi 4:16

funa none, nizenzele izithombe ezibaziweyo, isimo somfanekiso wowesilisa noma owowesifazane,

UDuteronomi 4:23

Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.

UDuteronomi 4:25

Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana , nanxa senihlale isikhathi eside ezweni , none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento e thile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho , nimthukuthelise,

UDuteronomi 5:8

Ungazenzeli izithombe e zibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu , nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba;

UDuteronomi 7:25

Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo ; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo , ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;

UDuteronomi 7:5

Niyakubaphatha kanje : niyakudiliza ama -altare abo , niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.

UHabakuki 2:18

Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza , nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga , lokhu umbumbi waso ethemba kuso , ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?

UHezekeli 14:3

Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinh liziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo . Impela ngiyakubuzwa yiwo na?

UHezekeli 14:4

Qha! Ngalokho khuluma kuwona , uthi kuwo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe , abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi , mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe,

UHezekeli 14:7

Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami , angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe , eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi , mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami,

UHezekeli 16:17

Wathatha izinto zakho ezinhle , egolideni lami nasesiliveni lami engangikunike khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo.

UHezekeli 16:36

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho , nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakh o, nangegazi labantwana bakho owabanika lona,

UHezekeli 20:16

ngokuba balahla izahlulelo zami , abahambanga ngezimiso zami , bawona amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo.

UHezekeli 20:24

ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise.

UHezekeli 20:31

Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla . Mina ngiyakubuzwa yinina , nina ndlu yakwa -Israyeli, na? Qha, kuphila kwami , isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.

UHezekeli 20:8

Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe , abazishiyanga izithombe zaseGibithe ; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo , ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe.

UHezekeli 22:3

uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, ukuze isikhathi sakho sifike , nowenza izithombe kuwe ukuzingcolisa,

UHezekeli 23:39

Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangen a, ngalona lolo suku , endlini yami engcwele ukuyingcolisa . Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.

UHezekeli 23:7

Wabanika ubufebe bakhe , bengamadoda akhethekileyo ase -Asiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo.

UHezekeli 30:13

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakuzichitha izithombe , ngiqede onkulunkulu eNofi ; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe , ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.

UHezekeli 36:25

Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo , nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zon ke izithombe zenu.

UHezekeli 44:10

Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u -Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,

UHezekeli 6:13

Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxa zonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba , naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama -oki adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.

UHezekeli 6:6

Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa , izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama -altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele , ama-altare enu empepho abhidlizwe , imisebenzi yenu ihlangulwe.

UHezekeli 6:9

Abaphephayo benu bay akungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo , lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo , ezichezukile kimi , namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.

UHezekeli 7:20

Ukukhazimula kwezimvunulo zakho baku beka kwaba ngukuziqhenya , benza ngakho izithombe ezinengekayo nezizondekayo; ngalokho ngikwenzile kwaba yinto engcolileyo kubo.

UHezekeli 8:10

Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo , nezilwane ezinengekayo , nazo zonke izithombe zendlu ka -Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.

UHoseya 11:2

Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo ; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

UJeremiya 10:14

Bonke abantu bayiziphukuphuku , abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo , ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

UJeremiya 50:2

Memezani phakathi kwezizwe , nikuzwakalise, nimise ibhanela , nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: IBabele linqotshiwe , uBeli ujabhile , uMerodaki uphelile amandla ; izithombe zalo zijabhile , imifanekiso yalo iphelile amandla.

UJeremiya 51:17

Bonke abantu bayiziphukuphuku , abanakwazi, bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo , ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

UJeremiya 51:47

Ngalokho bheka , izinsuku ziyeza , lapho ngiyakujezisa izithombe ezibaziweyo zaseBabele , izwe lonke lalo li jabhe, bonke ababuleweyo balo bawe phakathi kwalo.

UJeremiya 51:52

Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakuzihambela izithombe zalo ezibaziweyo, ababulawayo babubule ezweni lonke lalo.

ULevitikusi 19:4

Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 26:1

Ningenzi izithombe , ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika ; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

UMika 1:7

Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa , nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo , nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo , ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.

UMika 5:13

Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziwey o nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.

UNahume 1:14

Kepha uJehova uyalezile ngaw e ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.

UNumeri 33:52

niyakuxosha bonke abakhile yo ezweni phambi kwenu , nichithe yonke imifanekiso yabo , nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo , nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,