"kajakobe"
90 occurrences in ZUL
U-Eliya wathath a amatshe ayishumi nambili njengomumo wezizwe zamadodana kaJakobe okweza kuye izwi likaJehova , lathi: Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli.
Lawa angamazwi okugcina kaDavide . UDavide indodana kaJese uthi , umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi , ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:
Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,
Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi , ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,
ukuthi wafunga kuJehova , wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:
ngingakatholeli uJehova indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.
Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe , othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe
UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka ; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.
Nina enesaba uJehova, mbongeni; nina nonke nzalo kaJakobe , mdumiseni, nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.
UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela
UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela
Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade , ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho , amadodana kaJakobe noJosefa. Sela
Halalisani uNkulunkul u amandla ethu , nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.
Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
Jehova Nkulunkulu Sebawoti , yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe , Nkulunkulu kaJakobe. Sela
Bathi: UJehova akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki.
UJuda inceku kaJesu K ristu, umfowabo kaJakobe , kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu:
INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.
Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu , lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka -Alfewu, noSimoni umZelothe , noJuda kaJakobe.
owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu , wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.
Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube ph akade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.
Kepha ukuthi bayavuswa abafile yo, noMose wakubonakalisa esihlahleni , lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka- Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.
KwakungoMariya Magdalena , noJowana, noMariya unina kaJakobe ; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.
kaJakobe ka-Isaka ka-Abrabama kaThara kaNahori
noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli.
Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye , wathi: NginguNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, na?
Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena , noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose , kanye noSalome
Selidlulile isabatha , oMariya Magd alena, noMariya unina kaJakobe , noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo kaJakobe ; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;
Akavumelanga muntu amlandele , kuphela oPetru , noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.
Lo akusiye umbazi , indodana kaMariya , nomfowabo kaJakobe , noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na ? Base bekhubeka ngaye.
Mina nginguNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.
phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena , unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Ukumbelwa kukaJesu (Mark. 15:42; Luk. 23:50; Joh. 19:38)
Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe , isho iNkosi uJehova , uNkulunkulu Sebawoti.
Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo ; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba , ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe, usho uJehova.
UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye , wathi: Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi:
UNkulunkulu wathi futhi kuMose: Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa - Israyeli, uthi: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ungithumile kini . Yileli eliyigama lami kuze kube phakade , lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Wathi: NginguNkulunkulu kayihlo , uNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.
ukuba bakholwe ukuthi uJehova , uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka- Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ubonakele kuwe.
Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa -Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe bangasenciki kobashayileyo , kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.
Insali iyakubuya, insali kaJakobe, ibuyele kuNkulunkulu onamandla.
Ngokuba uJehov a uyakumhawukela uJakobe , abuye amkhethe u -Israyeli, ababeke ezweni lakubo ; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo , banamathele endlini kaJakobe.
Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi: UJakobe akasayikuba namahloni, nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.
Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe , umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe , bayakungcwelisa igama lami , yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe, bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.
Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova. Usuku lukaJehova
Ngokuba ushiyile abantu bakho , indlu kaJakobe , lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti , bexhawulana nabantwana babezizwe.
Lethani indaba yenu , usho uJehova, nisondeze izizathu zenu , isho iNkosi kaJakobe.
Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi : Ngifuneni ngeze . Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.
KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa -Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.
Ngilalele wena ndlu kaJakobe , yonke insali yendlu yakwa -Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.
Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo , badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi ; inyama yonke iyakwaz i ukuthi mina Jehov a nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.
Memeza ngezwi elikhulu , ungazibambi, uliphakamise izwi njen gecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.
Uyakuncela ubisi lwezizwe , uncele namabele amakhosi ; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho , noMhlengi wakho , uMninimandla kaJakobe.
Ngiyakumlindela uJehov a ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe , ngethembe kuye.
U-Israyeli usehlezi e londekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodw a ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.
UMose wasiyaleza umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe.
U-Isaka wayesemmukisa uJakobe , waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBe tuweli umAramu , umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no- Esawu.
Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo , wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe ; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto.
Wangena nakuye uRaheli , wathanda uRaheli kakhulu kunoLeya ; wayesesebenza kuye eminye iminyaka eyisikhombisa. Amadodana okuqala kaJakobe
Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli , wathi: Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?
Ngalokho abantwana bakwa -Israyeli abawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube namuhla , ngokuba wathinta isikhoxo senyonga kaJakobe emsipheni wenqulu.
Amadodana kaJakobe abaphendula oShekemi noHamori uyise ngobuqili , akhuluma, njengokuba ebemngcolisile uDina udadewabo,
Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho , ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.
Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu , amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa.
Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo , aphanga umuzi , ngokuba babengcolisile udadewabo.
Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe , wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.
Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho ; abantu badabuka , bathukuthela kakhulu , ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.
Kwathi u -Israyeli esehlala kulelo zwe , uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no -Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.
Base bemuka ; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.
Lokhu kuyindaba kaJakobe . UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.
Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa.
Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe , ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe , bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.
Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili ; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa. UJakobe uhlangana noJosefa
Amadodana akhe , namadodana amadodana akhe , namadodakazi akhe , namadodakazi amadodana akhe , nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe. Inzalo kaJakobe
Qoqanani, nizwe, nina madodana kaJakobe, nimlalele u-Israyeli uyihlo.
kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile ; amandla ezandla zakhe aqinisw a ngezandla zoMninimandla kaJakobe , okuvela kuye uMalusi netshe lika - Israyeli,
Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka- Israyeli.
Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.
ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka -Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.
Memezani lokhu endlini kaJakobe, nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:
Nginithandile, usho uJehova. Nokho nithi: Usithande kanjani na? U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na? usho uJehova. Ngamthanda uJakobe,
Ngokuba mina Jehova angiguquki ; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.
Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe , ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile ; yizenzo zakhe lezi na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?
Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa- Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,
Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.