Skip to Content

"kajerobowamu"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:1

Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula.

1 AmaKhosi 14:10

bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi , nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele.

1 AmaKhosi 14:13

Wonke u -Israyeli uyakumlilela , ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni , lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.

1 AmaKhosi 14:14

Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolo suku. Kepha ngithini? Yebo, namanje.

1 AmaKhosi 15:25

UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wesibili ka -Asa inkosi yakwaJuda , wabusa phezu kuka -Israyeli iminyaka emibili.

1 AmaKhosi 15:29

Kwathi eseyinkosi , wabulala yonke indlu kaJerobowamu , kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo,

1 AmaKhosi 15:34

Wenza okubi emehlweni kaJehova , wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

1 AmaKhosi 15:9

Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu , inkosi yakwa -Israyeli, u- Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda.

1 AmaKhosi 16:19

ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova , ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli.

1 AmaKhosi 16:2

Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u- Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu , wonisa abantu bami u - Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,

1 AmaKhosi 16:3

bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe , ngenze indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati.

1 AmaKhosi 16:7

Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula. O-Ela noZimri no-Omri no-Ahabi bangamakhosi kwa-Israyeli

1 AmaKhosi 21:22

ngiyakwenza indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka -Ahiya ngenxa yesicunulo ongicunule ngaso, wonisa futhi ngaso u-Israyeli.

1 AmaKhosi 22:52

Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise, nangendlela kanina, nangendlela kaJerobowamu indodana kaNebati ayonisile u-Israyeli.

1 iziKronike 5:17

Bonke labo babhalwa ngezi zukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 13:6

Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera wasala eSamariya.

2 AmaKhosi 15:1

Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka - Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

2 AmaKhosi 15:8

Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka -Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu , wayeyinkosi kwa -Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.

2 AmaKhosi 9:9

Ngiyakwenza indlu ka -Ahabi ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya.

U-Amose 1:1

Amazwi ka -Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka -Uziya, inkosi yakwaJuda , nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

U-Amose 7:9

Izindawo eziphakemeyo zika -Isaka ziyakuchithwa , nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba. O-Amasiya no-Amose