Skip to Content

"kanethaniya"

16 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 25:23

Zonke izinduna zempi , zona nabantu bazo , sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya umbusi ezweni , zaya kuGedaliya eMispa : u- Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani indodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.

2 AmaKhosi 25:25

Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka -Elishama wozalo lwenkosi , abantu abayishumi benaye , wamshaya uGedaliya waze wafa , kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.

UJeremiya 36:14

Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki , zathi: Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho , uze nawo . UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.

UJeremiya 40:14

bathi kuye : Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa -Amoni uthume u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na ? Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.

UJeremiya 40:15

UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese , wathi: Mangihambe ngimbulale u -Ishmayeli indodana kaNethaniya , kungaziwa muntu ; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?

UJeremiya 40:8

zaya kuGedaliya eMispa : u-Ishmayeli indodana kaNethaniya , noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya , noSeraya indodana kaThanihumeti , namadodana ka -Efayi waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha , bona nabantu babo.

UJeremiya 41:1

Kwathi ngenyanga yesikhombisa u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka - Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka -Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.

UJeremiya 41:11

Kepha lapho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye sebezwi le konke okubi u -Ishmayeli indodana kaNethaniya abekwenzile,

UJeremiya 41:12

bathatha bonke abantu, baya ukulwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamfumana ngasemanzini amaningi aseGibeyoni.

UJeremiya 41:15

Kepha u -Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni.

UJeremiya 41:16

UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku -Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa , yena esembulele uGedaliya indodana ka -Ahikamu, amadoda empi , nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.

UJeremiya 41:18

ngenxa yamaKaledi , ngokuba babewesaba , lokhu u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.

UJeremiya 41:2

Wayesesuka u -Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayi shumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani ngenkemba , bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.

UJeremiya 41:6

U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubah langabeza, ehamba ekhala . Kwathi lapho esehlangana nabo , wathi kubo : Ngenani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.

UJeremiya 41:7

Kwathi sebengenile phakathi komuzi , u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wababulala, wabalahla emgodini, yena namadoda ayenaye.

UJeremiya 41:9

Umgodi u -Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u -Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.