Skip to Content

"kangaka"

40 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:10

Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide , namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wo na yinkosikazi yaseSheba.

1 AmaKhosi 10:12

Ngemi-alimugi inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu nezingubhu zabahlabeleli ; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.

1 AmaKhosi 17:17

Kwathi emva kwalokho indodana yalowo mfelokazi , umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula.

1 AmaKhosi 3:9

Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?

1 AmaKhosi 9:8

Noma le ndlu iphakeme kangaka , bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?

1 uSamuweli 25:17

Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke , lokhu engumuntu omubi kangaka , ukuze umuntu angekhulume naye.

1 uSamuweli 2:3

Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka , kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu , ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi ; izenzo zilinganiswa nguye.

2 iziKronike 1:10

Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume , ngingene phambi kwalabo bantu , ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?

2 iziKronike 20:25

Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo , bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona , kwaze kwangabakho ongazithwala ; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.

2 iziKronike 7:21

Le ndlu ephakeme kangaka , yilowo nalowo odlula kuyo uyakumangala athi: UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?

AmaHubo 103:12

Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga , udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

AmaHubo 119:103

Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami ; adlula izinyosi emlonyeni wami.

AmaHubo 119:159

Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyal ezo zakho , Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho.

AmaHubo 119:97

Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.

AmaHubo 133:1

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

AmaHubo 139:17

Imicabango yakho , Nkulunkulu, ingamagugu kimi ; bukhulu kangaka ubuningi bayo.

AmaHubo 84:1

Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.

AmaHubo 8:1

Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke ! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.

AmaHubo 8:9

Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

IsAmbulo 16:18

Kwase kuba khona imibani , namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo , selokhu kwaba khona abantu emhlabeni , ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.

IzEnzo 21:20

Sebekuzwile lok ho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye : Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;

KumaHeberu 12:1

Ngalokho-ke nathi , lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi , sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,

KumaHeberu 12:21

yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,

KumaHeberu 12:3

Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni , ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.

KwabaseGalathiya 1:6

Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli,

KwabaseGalathiya 3:3

Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na?

KwabaseGalathiya 3:4

Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze.

KwabaseKolose 2:1

Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangaka nani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo,

NgokukaJohane 3:16

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka , waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

NgokukaJohane 6:9

Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhal i eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?

NgokukaMarku 15:4

UPilatu wabuye wambuza , wathi: Awuphenduli lutho na ? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.

NgokukaMarku 4:40

Wathi kubo : Yini ukuba nesabe kangaka na ? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?

NgokukaMarku 9:3

Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qw a, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka.

U-Isaya 64:12

Ungazibamba kukho konke lokhu , Jehova? Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?

UGenesise 27:20

U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe : Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola , ndodana yami , na? Wathi: Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.

UGenesise 31:36

UJakobe wathukuthela , wamsola uLabani ; uJakobe waphendula , wathi kuLabani: Yisiphi isiphambeko sami na ? Yisiphi isono sami , lokhu ungizingele kangaka, na?

UJobe 11:2

Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na ? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?

UJobe 22:12

UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na ? Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.

UNumeri 24:5

Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele akho, Israyeli.

UmShumayeli 7:20

Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.