Skip to Content

"kathathu"

36 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:21

Wazelula phezu komntwana kathathu , wakhala kuJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.

1 AmaKhosi 9:25

Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu. Imikhumbi kaSolomoni

1 uSamuweli 20:41

Esehambile umfana , uDavide wavuka ngaseningizimu , wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

2 AmaKhosi 13:18

Wayesethi: Thatha imicibisholo . Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa - Israyeli: Shaya emhlabathini. Yashaya kathathu, yayeka.

2 AmaKhosi 13:19

Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela , wathi: Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i -Aramu waze waliqeda , kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.

2 AmaKhosi 13:25

UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa . UJowashi wamahlula kathathu , wabuyisa imizi yakwa - Israyeli.

2 iziKronike 8:13

njengokudingekayo imihla ngemihla , enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo , kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

2 kwabaseKorinte 11:25

ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;

2 kwabaseKorinte 12:8

Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi.

AbAhluleli 16:15

Wayesethi kuye: Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na ? Usudlale ngami kathathu , awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.

IzEnzo 10:16

Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini.

IzEnzo 11:10

Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.

NgokukaJohane 13:38

UJesu waphendula wathi : Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa y ami na ? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe : Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.

NgokukaLuka 22:34

Wayesethi: Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje , ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.

NgokukaLuka 22:61

INkosi yayisiphendu ka, yambheka uPetru . UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye : Iqhude lingakakhali namhlanje , uzakungiphika kathathu.

NgokukaMarku 14:30

UJesu wathi kuye : Ngiqinisile ngithi kuwe : Namhlanje ngalobu busuku , lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.

NgokukaMarku 14:72

Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.

NgokukaMathewu 26:34

UJesu wathi kuye : Ngiqinisile ngithi kuwe : Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.

NgokukaMathewu 26:75

UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi : Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu . Waphumela phandle , wakhala kamunyu.

U-Eksodusi 23:14

Kathathu ngomnyaka wongigcinela umkhosi.

U-Eksodusi 23:17

Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bay akubonakala phambi kweNkosi uJehova.

U-Eksodusi 34:23

Kathathu ngomnyaka abesilisa bakho bonke bayaku bonakala phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli.

U-Eksodusi 34:24

Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho , ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho , nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.

UDaniyeli 6:10

UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku , wakhuleka, wabonga uNkulunku lu wakhe , njengalokho enzile kuqala.

UDaniyeli 6:13

Ayesephendula ethi phambi kwenkosi : UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi , nesiyalezo osilob ileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.

UDuteronomi 16:16

Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa ba kho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha : ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo , nangomkhosi wamasonto , nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;

UDuteronomi 19:3

Uyakuyilungisa indlela , wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle , ukuze bonke ababulali babalekele khona.

UHezekeli 21:14

Wena ndodana yomuntu, profetha, ushayanise izandla, inkemba iphindwe kathathu, ibe ngeyababulawayo nenkemba yokubulawa komkhulu, ibahaqe.

UHezekeli 41:16

imibundu, namafasitele avaliweyo , nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombund u, kwembeswe umuthi nxazonke , kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe;

UHezekeli 42:3

Malungana nezingalo ezingamashumi amabili ezazingezegceke elingaphakathi, namalungana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kwakukhona umpheme malungana nompheme eyelakanyene kathathu.

UHezekeli 42:6

Ngokuba ayelakanyene kathathu; ayengenazinsika njengezinsika zamagceke; ngalokho angaphezulu ayehlehlile kunaphansi naphakathi kusukela emhlabathini.

UJobe 33:29

Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kabili, yebo, kathathu kumuntu

UNumeri 22:28

UJehova wavula umlomo wembongolo , yathi kuBileyamu: Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?

UNumeri 22:32

Ingelosi kaJehova yathi kuye : Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na ? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;

UNumeri 22:33

imbongolo yangibona , yachezuka phambi kwami kathathu ; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.

UNumeri 24:10

Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu , washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu : Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami ; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.