"kayihlo"
40 occurrences in ZUL
Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka ph ezu kwethu, siyakukukhonza.
Kodwa wathi : Mina angimhluphanga u -Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.
Wena Solomoni , ndodana yami , yazi uNkulunkulu kayihlo , umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo , ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke , uqonda zonke izizindlo zemicabango ; uma umfuna , uyakufunyanwa nguye ; kepha uma umshiya , uyakukulahla kuze kube phakade.
Inkosi yayisithi : Uyakufa nokufa , Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo.
UDavide wathi ku-Abiyathara: Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa - Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule ; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo.
Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e -altare lami , ashise impepho , afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa - Israyeli.
Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli uthi: Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade . Kepha manje uJehova uthi : M akube kude nami , ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.
Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho.
Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo , ngokuba zitholiwe . Ngokukabani konke oku nxanelekayo kwa - Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?
Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.
kepha uhambe ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka -Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe,
kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo , manje ngiyakuba yinceku y akho, khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.
Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe , funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo ; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?
Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,
Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo , ungangeni endl ini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho ; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.
Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.
Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.
Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
Wathi: NginguNkulunkulu kayihlo , uNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.
Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo , wena nendlu kayihlo nibhubhe . Ngubani okwaziyo , uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?
UJehova uyakuletha phezu kwakho , naphezu kwabantu bakho , naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u -Efrayimi asuka ngalo kwaJuda -- yinkosi yase-Asiriya.
UJehova wathi ku -Abrama: Phuma ezweni lakini , nasezihlotsheni zakho , nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
Wena uyindodakazi kabani na ? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?
UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: NginguNkulunkulu kayihlo u -Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe ; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.
Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe , kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule , wathi: Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.
Manje njengokuba usumuka impela , lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?
Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.
UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe : Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo , aze akhule uShela indodana yami , ngokuba wathi : Ukuba angafi njengabafowabo. UTamari waya wahlala kwabo. OJuda noTamari
Yayisithi kubo : Ukuthula makube kinina ; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu ; imali yenu ngayithola . Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.
Wayesethi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo ; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu.
ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza , ngoSomandla ozakukubusis a ngezibusiso zasezulwini phezulu , nangezibusiso zasotweni olukhona phansi , nangezibusiso zamabele nezesizalo.
Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.
Juda, abafowenu bazakukudumisa wena ; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo , ngokuba bakwenzela okubi . Manje siyakucela ukuthi : Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo . UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.
Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe. Ukumenyezelwa kokubhujiswa
Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kayihlo; uyisihlobo sikayihlo.
Ungambuli ubunqunu bomfowabo kayihlo , ungasondeli kumkakhe ; unguyihlokazi.
Ungambuli ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, noma ezelwe kini , noma ezelwe kwelinye ; ungambuli ubunqunu babo.
Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko , noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo.
UJehova wathi ku -Aroni: Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcw ele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.