Skip to Content

"khulumani"

10 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:11

Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: Khulumani kuye, nithi: Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.

1 uSamuweli 18:22

USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi : Khulumani noDavide ngasese, nithi: Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.

2 uSamuweli 19:11

Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku -Abiyathara abapristi , yathi: Khulumani kumalunga akwaJuda , nithi: Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo , lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?

EkaJakobe 2:12

Khulumani kanjalo , nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.

IzEnzo 13:15

Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.

U-Eksodusi 12:3

Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

U-Isaya 30:10

abathi kubaboni : Ningabe nisabona , nakubaprofethi: Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso;

U-Isaya 8:10

Lulekanani nokululekana, kepha kuya kuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.

UJeremiya 4:5

Khulumani kwaJuda , nizwakalise eJerusalema, nithi: Bethani amacilongo ezweni, nimemeze nithi: Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.

UZakariya 8:16

Yilezi zinto eniyakuzenza : khulumani iqiniso , kube yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu,